Izindaba

UTrevor Noah uzojikeleza umhlaba eqhulula amahlaya

Usomahlaya wakuleli osenabalandeli umhlaba wonke uzoba nohambo oluzojikeleza umhlaba wonke lapho ezobe ehlekisa abantu ngamahlaya akhe abashiya kubuhlungu izisu. Lolu chungechunge lomjikelezo kaTrevor olubizwa nge ‘Off The Record’ luzoqala e-Europe mhlaka-9 Ntulikazi.

UTrevor ubhale ngalo mjikelezo wakhe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana azisa abalandeli bakhe. “Ngiyathanda ukuthi sikwazile ukufaka i-US ne Canada kulezi nhlelo zethu zika 2024! Buka…kusanethuba lethu futhi eCA, NJ, CT nase Ontario!”, kusho yena.

Amazwe okulindeleke ukuthi ahambe eqhulula amahlaya akhe kuwo uTrevor yiMonaco, Germany, United States, Canada, Netherlands, New Zealand nase-Australia.

Abalandeli bakhe bakhombise ukusijabulela kakhulu isimemezelo salo mjikelezo njengoba bephawulile bethembisa ukuthi noma kanjani bazoba ingxenye yezinhlelo zakhe.

Isithombe: Esikhombisa imininingwane ngomjikelezo ohlelwe uTrevor Noah, i-‘Off The Record’

Izinsuku zomjikelezo kaTrevor zimi kanje:

16 Ncwaba – Costa Mesa, CA

23 Ncwaba – Atlantic City, NJ

24 Ncwaba – Rama, ON

25 Ncwaba – Uncasville, CT

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.