UTira uchitha eyokupheka ingoma egxibha uDumi Mkokstad
Emuva kwesixakaxaka esenzeke ngempelasonto emidlalweni yeJammin 2 Soccer Tournament lapho kutholane phezulu osaziwayo kubangwa imithetho yayo le midlalo, uDJ Tira kuthiwa upheka ingoma egxibha umculi wezokholo, uDumi Mkokstad.
Le midlalo ebiseTsakane Stadium eGoli bekuhlelwe ukuthi ivezwe yonke ku-SABC Sports kodwa yagcina ingavezwanga ngenxa yokutholana phezulu kosaziwayo okugqame kubo uBig Zulu, DJ Tira noDumi Mkokstad. Bekudlala amaqembu ezinhlobo ezihlukene zomculo, umaskandi, hip-hop, gospel negqomu.
Ezinye yezinto ezasusa umsindo ukuphulwa kwemithetho amaqembu ayeyingxenye yemidlalo njengoba uMkokstad wayesola iqembu legqomu ngokudlalisa umdlali ongekho ohlwini olwalunikezwe abaphathi bomdlalo nonompempe. Iqembu lwegqomu lahlula elegospel emdlalweni wesibili.
Abasondelene noDJ Tira bathi yamcasula kakhulu lento eyenzeka kuleya midlalo.
“Sonke siyabona nje ukuthi le ngoma yenzelwe ukugxibha uMkokstad. Uzibona enikizwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana kusukela ngeSonto, manje ubona ukuthi akaziphinsiselele kuMkokstad ngezinto ayezenza ngeSonto”, kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe, “Umatasa kakhulu e-studio kulezi nsuku, usebenza ingoma ethi Rules Are Rules ebhekiswe kuMkokstad ngoba ukuziphatha kwakhe kwaphoxa wonke umuntu owayekuyela midlalo. Okwenza lento ibe yimbi kakhulu ukuthi le midlalo yayivela kumabonakude, ibukwa izwe lonke.
“Ngezwa ukuthi yagqitshwa ukuziphatha kukaMkokstad. Abantu abakhulumi ukuthi yanqotshwa ubani imidlalo kodwa bakhuluma ngezinto ezazenziwa uMkokstad bukhoma kumabonakude”, kusho lo mthombo.
Kuthiwa lengoma kaDJ Tira izophuma ngoLwesihlanu, nokho yena uphikile kwiTimesLIVE ukuthi iqondene nokugxibha.
“Akuyona ingoma yokugxibha lena. Ingoma yegqomu futhi okumnandi ukuyilalela.”, kusho yena.