UGatsheni ufuna ukuba isibonelo esihle kozakwabo
Umculi kamaskandi odume ngengoma ethi Ibhodlela useveze ukuthi ufuna ukuba isibonelo esihle kwabanye abaculi njengoba kujwayeleke ukuthi bashone bengasenalutho, bebe kade bephila impilo ewubukhazikhazi futhi bedumile.
“Ngazitshela nje ukuthi makuvela ithuba, ngeke ngiyixhaphaze imali. Ngifuna ukufaka imali ezintweni ezizokwenza iphindeke kaningi”, kusho uGatsheni.
UGatsheni ubhale ekhasini lakhe lika-Facebook eluleka abanye abaculi ukuthi kufanele beqikelele kanjani uma besenethuba lokuthuthuka empilweni, ubefake izithombe zemfuyo yakhe, umuzi kanye nezimoto zakhe. Uthe lokhu ukwenze ngenhloso yokugqugquzela abanye ozakwabo ukuthi befunde kuye ukuthi kubalulekile ukufaka imali entweni ezoyikhulisa ibuye isize nesizukulwane esilandelayo.
Lo mculi oneminyaka engamashumi amathathu nane (34) uzalwe oPhongolo, KwaZulu-Natali. Nakuba enesikhathi eside ehlanganisa umculo kodwa ugqame kakhulu ngengoma yakhe ethi Ibhodlela, okuyiyo esimakhele igama nemali.
Uthe imali yakhe eningi uthenga ngayo imfuyo. “Umculo ungizuzise okuningi kakhulu. Imali eningi engiyithole kuwona ngithenge ngayo imfuyo. Njengamanje nginezinkomo ezingaphezu kwekhulu, izimbuzi ezingaphezu kwekhulu namashumi ayisihlanu nezinkukhu zamaqanda”, kusho uGatsheni.
“Ukucula akusiwo umsebenzi ongawenza isikhathi eside, kufanele ucabange ngekusasa”, kuqhubeka yena.
Echaza uthe uhambo lwakhe endimeni yomculo lube ngolude kakhulu, futhi aluzange lube lula. Ukhuluma kanje nje uke wahlabana ngendondo yeBest Newcomer kumaCultural and Creative Industry Awards abeseSandton Convention Centre ngoMbasa nonyaka. Kulo mkhakha ubencintisana noTyler naye oke wahlabana ngendondo kumaGrammy Awards.
UGatsheni unqobe itekisi iToyota Quantum emncintiswaneni kamaskandi, iMother Of All Maskandi Festivals obusePeoples Park eThekwini mhlaka-6 Ndasa kuwo lonyaka.