Bathukile umfundi eteta endlini yangasese yesikole
Izikhulu zomnyango wezemfundo eLimpopo seziqinisekise ukuthi luzoqala maduze uphenyo ngesigameko somfundi obenza ibanga leshumi (grade 10) esikoleni iMolautsi Secondary School, otholwe ngabanye abafundi elele phezu kwechibi legazi lakhe ngemuva kokuteta ingane endlini yangasese kuso lesikole.
Lesi gameko kuthiwa senzeke endaweni iBloodriver esifundazweni iLimpopo. Lo mfundi oneminyaka eyishumi nesithupha (16) kuthiwa utholwe ngabanye abafundi ebambe ingane yakhe ayitete ngaphandle kosizo.
Abafundi babe sebehlaba umkhosi kwabizwa othisha nabezimo eziphuthumayo waphuthunyiswa esibhedlela sendawo lapho enikwe khona usizo lokuqala, kwahlolwa nesimo sengane yakhe okutholakale ukuthi isesimweni esihle sempilo futhi ayinazinkinga.
Unina womfundi uveze ukuthi ingane yakhe ibinezinyanga eziyisikhombisa izithwele kanti ukhale kakhulu ngobuhlungu ingane yakhe ebuzwile iteta ngaphandle kosizo.
Umnyango wezemfundo uveze ukuthi usuqale uphenyo mayelana nalesi sigameko nokuthi umfundi utete kanjani endlini bekhona bekhona. USuzanne Xithlelani oyisikhulu somnyango wezemfundo kuleyandawo uthe sebezwile ngalesi sigameko futhi bazoqala uphenyo maduze.
“Sizwile ngalesi sigameko, inkinga esinayo ukuthi othisha bethu abawubikelanga umnyango mayelana nalomfundi. Sinalo uhlelo olusiza abafundi abakhulelwe olungabaphazamisi ezifundweni zabo ukugwema izimo ezifana nalesi. Aludingi ukuthi abazali baphelezele abafundi abakhulelwe ezikoleni. Uphenyo luzositshela ukuthi kube khona yini ubudedengu kothisha besikole ukuze sikwazi ukubathathela izinyathelo abathintekayo. Ngilindele umbiko ophelele masisha mayelana neso lesigameko.