EzosaziwayoIzindaba

UMacG uthi noma angambopha uNkosazane Daughter ngoluka baba wengane

Umsakazi owenza uhlelo lwe-podcast oluthi Chill and Podcast with MacG, uMacgyer ‘MacG’ Mukwevho usephumele obala wathi akambophe mayethanda umculi we-Piano uNkosazane Nzama odume ngelikaNkosazane Daughter, ngezinsolo azenze ngaye mayelana nobaba wengane yakhe wangempela.

Esiqeshini sangoMsombuluko sohlelo iChill and Podcast with MacG lomsakazi uphinde wakhuluma akusho ngesonto eledlule ukuthi uTumelo ‘Sir Trill’ Zwane akusiye ubaba wengane kaNkosazane Daughter.

UMacG uveze ukuthi utshelwe omunye wabangani bakaNkosazane Daughter ukuthi ubaba wangempela wengane yakhe uMaster KG. Lokhu kuze kwafakazelwa uSol Phendula abenza naye uhlelo, ethi kungenzeka ukuthi ilokho okwabahlukanisa.

UNkosazana Daughter akazithambisananga naye njengoba egijime waya ku-X ngoLwesithathu wabhala ukuthi ubudlelwane bakhe noMaster KG bebungebona obezothando noma obocansi.

“Njengoba ngike ngasho, uMaster KG nami sihlanganiswe ukusebenza kuphela. Kodwa kubukeka sengathi kunabantu abafuna ukunenza nikholwe ukuthi khona okukhulu obekwenzeka kanti bekungenzeki lutho”, kusho yena.

Lo mculi wodumo lwengoma ethi Ebusuku uthe uMacG ubezikhulumela imibono yakhe nje. Uveze ukuphoxeka ukuthi abantu bengazehlisa kangaka ngokuthi beqambe amanga, beqhubeka nokukhombisa ukuthi abantu besifazane abahlonishwa kangakanani endimeni yomculo.

“Kuyadabukisa nje ukuthi awubonakali umsebenzi ongaka esiwenzayo. Ngoba ngiwumuntu wesifazane, kufanele kube ukuthi ngilale naye? Kuyanyanyisa”, kusho uNkosazane Daughter.

UMacG uthi uma kuwukuthi usenga ezimithiyo ngakushilo uNkosazane Daughter akambophe phela.

“Ngingathanda mengase angibophe ngoba ilapho esizothola khona ukuthi ubani ubaba wengane yakhe wangempela. Sekuyofanele aveze ubufakazi enkantolo. Angizwani nalento yosaziwayo ukuthi masikhuluma kahle ngabo abasho lutho kodwa uma sesikhuluma izinto abangazithandi bese bethi senzela ukuthola ukunakwa nogazi ezinkundleni zokuxhumana”, kusho uMacG.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.