Ukwehluleka kuyingxenye yempilo
Njengamanje kunomuntu owehluleke kwinhlolakhono yomsebenzi, omunye akayitholanga ithenda abeyifakile, kanti mhlampe omunye wehluleke ekuhlolelweni izincwadi zokushayela. Lalela noma ngabe uhlulwe yini namuhla, Ungalilahli ithemba kuzolunga.
Namuhla ngifisa kesibheke indaba yokwehluleka. Kubi futhi akwemukeleki ukwehluleka kepha iqiniso elimileyo, ukuthi kuyingxenye yempilo. Ukwehluleka kuzoba khona ezimpilweni zethu sithanda noma singathandi. Kuyafana nokufa ngoba akunandaba namfundo, namali, naminyaka, akunandaba nobuhle nobubi bomuntu. Yini okumele siyenze? Ngendlela engibona ngayo kumele sikwemukele ukuthi kuyingxenye yempilo bede sishintsha indlela esikubuka ngayo. Uma ukubheka ngeso lokuthi kuza nesifundo kanye nokukuphusha ukuthi wenze kangcono ngokuzayo, yilapho ke ozokwazi ukukhula khona. Ukwehluleka kudala ingcindezi enkulu ikakhulukazi uma ucabanga kakhulu ngokuthi abantu bazothini. Lento yokuthi abantu bazothini yona iyalimaza kakhulu empilweni. Ngiye ngithi kungcono usebenzise leli lokuthi abantu bazothini uma into eyenzayo iyihlazo. Inkinga ke ukwesaba ukuthi abantu bazothini ngisho entweni ezosiza wena.
Ungakwesabi ukwehluleka. Akuthi noma sekukufikelile uvuke uzithathe. Uzitshele ukuthi okungalunganga namuhla kuzolunga ngomuso. Ungazibulali ngenxa yokuthi khona into ekuhlulile. Awusona isehluleki, ziningi izinto osewake waphumelela kuzo. Ziningi futhi izinto oke wehluleka kuzo kodwa kwedlula. Nalokhu Ukwehluleka kwamanje kuzodlula.
Wake wathi uMandoza (Mduduzi Tshabalala) “Indoda ingawa bamhlanje kusasa iphinde ivuke”. Lamazwi akukhuthaza ukuthi ukwehluleka manje akusho ukuthi sekuphelile ngawe.
Izwi likaJehova liyaqinisekisa ukuthi ngisho nolungileyo uyawa kasikhombisa kepha abuye avuke futhi.
Angazi sewuhluleke kangakanani, kepha ngifisa ukukutshela ukuthi usengavuka. Ungalilahli ithemba.
Sewukhale kakhulu izinto zakho zingahlangani futhi zingaphumeleli, lalela ngithi mina uJehova uyazi ngawe.
Kukho konke ukwehluleka kukhona isifundo nokukhula okusuke kuphakathi kwakho. Shintsha indlela ocabanga ngayo. Uma iqhinga lingaphumelelanga zama ngelinye.
Uma uzwa sekuthi phonsa ithawula ubozibuza ukuthi kungani uqalile ngokuthi kuzoba namthelela muni ukuyekelela manje. Impendulo ozoyithola lapho yiyo ezocacisa ngesinyathelo esilandelayo.
Kudala sehluleka, kudala saliwa, kudala siphoxeka kepha namanje siyaphila.
Ukwehluleka kuyisigameko akusiwena. Wena unguMnqobi futhi umkhulu kunalesosimo.
Akekho umuntu ongehluleki kepha umehluko wethu sonke ukuthi sibhekana kanjani nakho. Ungavumi ukwehluleka kukuqede umdlandla entweni osuke ufuna ukuyenza. Zama uze uphumelele.
Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo