Izindaba

USello Maake Ka Ncube ufuna kwenziwe ulibofuzo lwezingane

Umlingisi odumile wemidlalo kamabonakude kuleli, uSello Maake Ka Ncube ufuna kwenziwe ulibofuzo lwezingane zakhe ezimbili ezizalwa ngomama abehlukene.

Ngokubika kwephephandaba iSunday World, uMaake kaNcube uphoqelela eyolibofuzo komama bezingane nje, ingoba ukholwa ukuthi bebelala nabanye abantu besilisa ngesikhathi besathandana naye.

Uma ulibofuzo lukhomba ukuthi ezakhe ngempela izingane, uzimisele ukuzondla futhi azifake emafeni akhe.

Lezindaba zokuthi uMaake Ka Ncube ufuna omama bezingane zakhe benze ulibofuzo ziqhamuke emuva kokuba lo mlingisi oneminyaka engamashumi ayisithupha nane (64) ebhalele abameli bakhe beMakgopa Attorneys ukuthi bebize omunye wabo uMmatshilo Motsei ukuba enze ulibofuzo.

Encwadini ayibhalele abameli uthe ufuna kwenziwe ulibofuzo ngoba usethole ukuthi uMotsei uke wathandana nentatheli ngesikhathi esathandana naye.

“Emuva kokucabangisisa kahle ngibone ukuthi kufanele ngithole usizo lwabameli ukuze bacele ukuthi kwenziwe ulibofuzo lwengane ezalwa uMmatshilo Motsei”, kusho uMaake Ka Ncube encwadini ayibhalele abameli.

Uqhube wathi okwenza agxile kakhulu enganeni ezalwa uMotsei ukuthi wake wasabisa ngokukhipha isisu ezinyangeni zokuqala esayikhulelwe le ngane.

“Ukuze kucace kahle ukuthi uMmatshilo uwumuntu onjani, ngesikhathi ngiseLondon ngamfonela ukuze silungise izinto. Emuva kwenyanga ngihleli eLondon ngamfonela, ngathola ngendodana yami ukuthi endlini njengoba ngifona kukhona u..(igama ligodliwe), uhleli nabo endlini. Ngathi mangimgwexa ngalokho wagcina evumile ukuthi uyathandana nalendoda eyayisendlini futhi wayengaliboni ikusasa kimi. Kuningi esengidlule kukho ngenxa yalo muntu wesifazane, ngobani? Icala lami ukuthi ngangifuna ukuzikhulisela ingane yami ngaphandle kwakhe”, kusho uMaake Ka Ncube.

“Ngenxa yakho konke lokhu engikubale ngenhla, kuyangiphoqa ukuthi uma ngithi ngiwubaba walengane ngingakungabazi lokho. Emuva kwalokho sengingabhekana nalempi njengendoda engizazi ukuthi ngiyiyo”, kusho yena.

Kuzokhumbuleka ukuthi UMKHAYA uke wabhala ngodaba lokufakwa kuka Maake Ka Ncube esikweletini sokukhokhela ingane okukhulunywa ngayo yize engazange yena ayibhalise esikoleni esimbophayo.

Ngokwamaphepha akulesikole ingane yabhaliswa ngunina, uMatsie, kwabe sekubhaliswa udadewabo [kaMatsei] njengozothwala izindleko uma yena ehluleka ukukhokha. UMaake Ka Ncube ugcine ethola amaphepha enkantolo amazisa ngenhloso yokudliwa kwemoto yakhe uma egcina ehluleka ukukhakha imali yesikole ukuze kukhokheke isikweletu sesikole.

“Uncamela ukubona ngiphelelwa ikho konke enginakho, yena ahlale ebukele ngishona phansi. Kulolu daba lwesikole, ubonakala esilekelela ekwakheni icala eliqinile lokungibopha. Udaba lwesikweletu sesikole okunye kwezinto ezakhiwe uye. Ulusebenzisa njengesinye sezikhali zokulwa nami”, kusho uMaake Ka Ncube encwadini ayibhalele abameli.

Kule ncwadi kuvela nokuthi uMatsei ubenza yonke imizamo yokuthi uMaake Ka Ncube elahlekelwe imisebenzi abezama ukuyihlanganisa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.