Izindaba

Thola zonke izizathu zokubuka iQueen Modjadji enomlando onothile

NgeSonto, mhlaka-14 Ntulikazi ngehora lesishiyagalombili uMzansi Magic ubukise okokuqala umdlalo obulindelwe ngabomvu iQueen Modjadji. Ababukeli sebengaqala ukuthatha usuku lwangeSonto njengosuku lokuzigcwalisa ngomlando onothile waseNingizimu Afrika – bebe bethokoziswa.

Ngezansi izizathu eziyisithupha ezizokwenza ababukeli bethokozele lo mdlalo osulindwe isikhathi eside kangaka:

Isizathu sokuqala: Wenzelwe ukuba ufundise

Ukuboniswa kwamagugu ngendlela elula kulumbana nokwazisa imandulo ukuze sihlomele isikhathi samanje nesilandelayo. Hhayi nje kuphela ukuthi iMzansi Magic ibonisa ingxenye yomlando wakuleli, kodwa umdlalo iQueen Modjadji usungule amathuba omsebenzi angaphezu kwamakhulu ayisithupha, ngokusebenzisana neBalobedu ukuthola umsebenzi wezandla, ubuhlalu, izithelo zasendulo kanye nezitshalo. Ukwakhiwa kwezindlu zotshani ngomsebenzi owenziwe ngezandla kuphela, njengoba kubonakala emdlalweni iQueen Modjadji nakho kube nomthelela omuhle ekuthuthukiseni umphakathi wendawo.

Isizathu sesibili: Umlando ufakwe impilo

I-Afrika iyibhodwe elicoyizelayo lamasiko nendabuko okumele izindaba zayo zixoxwe ngokulinganayo. Njengoba kuphelele konke kwiQueen Modjadji – egcwele izigameko zomlando ezixoxa indaba eyiqiniso – izifundo zomlando onamandla ezingeke nje zengeze ulwazi lwababukeli ngomlando wase-Afrika kodwa ezizojulisa ukuqonda kabanzi ngokuhlalisana phakathi kwezakhamizi.

Isizathu sesithathu: Sifunda ulimi olusha

Umdlalo iQueen Modjadji ifakwe isitembu njengengxenye yokuzinikela koMzansi Magic ukubonisa izilimi zaseNingizimu Afrika ngobuningi bazo. Abadlali baqokwe kubhekwa ukuthi bangakwazi yini ukukhuluma ulimi iKhelovedu, ngaphezu kwalokho bangenele uqeqesho olunzulu lokuba omgcweti ekuphimiseni izinhlamvu zalolu limi. Gqoka izibuko zakho, uma ungakwazi, ngoba sesizobuka isichazambhalo! Okokuqala, ekuqaleni, iKhelovedu ayisilo ulimi lokufakelwa kodwa iwulimi olizimele ngokwalo. Sesikushilo lokho, maningi amagama ababukeli abazowazi mabewabona. Zilungiselele ukuba nesikhathi esimnandi ngesikhathi ufunda ukuhlanganisa le nxakanxaka yalolu limi.

Isizathu sesine: Ukulingisa kweqophelo eliphezulu kulethwa abadlali abasha

Ubani ongenabo ubuso obusha kumabonakude. Ngomoya wokukhulisa nokunweba isixaxa sabalingisi, abadlali beQueen Modjadji bexube ubuso obusha kanye nethalente elikhona kulo mkhakha nesipiliyoni. Masikhuluma ngokwakhela ikusasa,sinoMasutang Hope Rasekele oqashwe njengombhali osafunda, kodwa ngokuhamba kwesikhathi waqashelwa ukudlala indawo kaDzugundini (indodakazi yeNkosi yemvula nomama weNdlovukazi uQueen Modjadji). UMakona ongemusha kwezikabonakude udlala indawo ephambili kaMaselekwane (Queen Modjadji). UMudi Mudau, Helen Lebepe, Sipho Ndlovu, Wiseman Zitha, Aubrey Mmakola, Ngelekanyo Ramulondi, Priscilla Raboroka, Putla Setlapelo, Thabo Bopape, Candy ‘TsaMaNdebele’ Mokwena, abanye babadlali abaveza impilo yabalingisi emdlalweni iQueen Modjadji. Abanye abalingisi bebedlala okokuqala emdlalweni owulolu hlobo onomlando ongaka, lapho bebengenakukhetha kodwa bekumele batshengise ababukeli umdlalo osezingeni eliphezulu. kusiqephu ngasinye somdlalo.

Isizathu sesihlanu: Abesifazane babambe iqhaza elibonakalayo

Ubuwazi ukuthi u-93% wabasebenzi bomdlalo iQueen Modjadji ngabantu besifazane? Manje, ubani ongcono ongasikhumbuza ngezikhwepha zabantu besifazane ngaphandle kwakhe qobo uQueen Modjadji – owesifazane owakhe umbuso wonke. Ezalelwa ebukhosini futhi kutshalwe kuye isiphiwe sabangasekho, uQueen Modjadji uqale umbuso oholwa izindlovukazi ezikwazi ukunisa imvula ziphinde zishintshe isimo sezulu futhi zibe ziqinisekisa inhlalonhle yabantu. Le ngqophamlando imile njengophawu lwamandla, ubuhlakani namandla ezikamoya emlandweni wase-Afrika.

Isizathu sesithupha: Ukukhuluma okuyikho

Phakathi kwezingubo zesintu ezigqokwayo (siyabonga kumsiki uSimphiwe Zulu), ithimba elizinikeleyo, nokulingisa kweqophelo siyakholwa ukuthi umdlalo iQueen Modjadji uzokwenza sikhulume njengesizwe. Siyakunxusa ukuba ubukele ngomqondo osabalele futhi ujoyine ingxoxo ngokusebenzisa i#QueenModjadjiMzansi ezinkundleni zokuxhumana ku-Facebook, X, Instagram ne TikTok.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.