Imibono

Kufanele kwenziwe okuthile ngohlelo lwezemfundo i-CAPS

Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi ukufika kwenkululeko kuleli kwaletha izinguquko uma kufikwa ezinhlelweni zezemfundo. Okufanele sikuqonde nokho ukuthi akubona bonke abantu abakholelwa ukuthi lezi zinhlelo zilithuthukisile izinga lezemfundo kuleli. Nami ngingomunye walabo abakholwa ukuthi ezemfundo zakuleli ziya ngokuya zishona phansi. Lezi zinhlelo esingabala kuzo i-Outcomes Based Education (OBE), iNational Curicullum Statement (NCS) kanye ne-National Curriculum and Assessment Policy Statement (CAPS) okuyiyona esetshenziswa manje zibukeka zingakwazanga ukufeza izinhloso zokuthuthukisa ulwazi kubafundi

Iningi labafundi kuleli lifundela ukuphasa alifundeli ukuqonda. Lokhu kwenza ukuthi babe nenkinga uma sebefika ezikhungweni zemfundo ephakeme. Inkinga idalwa ukuthi imfundo eyisisekelo abayitholile ayibacijeli ukuthi bakwazi ukufunda ngokuzimela uma sebesemazingeni emfundo ephakeme.

Miningi imizamo ezanyiwe ukuqeqesha othisha ngenhloso yokuthi bakwazi ukuluqonda kangcono lolu hlelo lwe-CAPS. Leyo mizamo ibukeka ingathelanga zithelo njengoba kumanje sikhuluma nje inqwaba yabafundi iphuma ezikoleni ingazi lutho. Angikuphathi okokufunda ngoba leyo inkinga okubukeka sengathi umnyango wezemfundo usuphose ithawula kuyona.

Kuwuvo lwami ukuthi imfundo yangesikhathi sobandlululo ibukeka kuyiyona eyakwazi ukukhiqiza imiphumela encomekayo ekuthuthukiseni amakhono okufunda nokubhala. Ukwenza isibonelo nje, ngike ngakuqaphelisisa ukuthi thina esafunda ngesikhathi sika Masihambisane no-Benny and Betty siyiqonda kangcono imisindo ukwedlula igenge efunda ngaphansi kohlelo luka-CAPS. Okubuhlungu ukuthi lokhu kwenzeka ezikoleni zabantu abamnyama kuphela. Ngisho ngoba izingane ezifunda ezikoleni ezibizwa ngokuthi ezabelungu zifunda zisikhiphe ngamakhala isiNgisi.

Kuvele kuthi angizisakaze phansi uma ngihlangana nombhalo ongabhalekile kahle ezinkundleni zokuxhumana. Umuntu athi; “namhlanje ngiqhoke ingubo ebomvu.” eqonde ukuthi ugqoke. Kodwa-ke angikho lapho bese ngimane ngiveza nje izinkinga esidamane singqwamana nazo la ngaphandle.

Yingakho-ke ngithi sekufanele labo abasemagunyeni bazibuze ukuthi ngabe sisekhona yini isidingo sokuthi kuqhutshekwe nohlelo lwe-CAPS. Cishe iphelile manje iminyaka eyishumi iNingizimu Afrika isebenzisa lolu hlelo kodwa imiphumela ayithuthuki nhlobo.
Okungenani-ke kungakuhle ukuba kuqiniswe lapho lolu hlelo oluvuza khona ngoba kucacile ukuthi kuningi okungahambi kahle ngalo. Nakhu okumbalwa engingakubalula; Othisha mabahlinzekwe ngezinsizakufundisa ukuze bezokwazi ukwenza umsebenzi wabo ngendlela, makuncishiswe umsebenzi ongahlangene nokufundisa owenziwa othisha (admin), Makwengezwe isikhathi sokufunda kuphinde kuqhakanjiswe ukufunda kwemisindo. Makufundiswe amakhono azokwazi ukuthi asize abafundi ezintweni abazenza usuku nosuku.

*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.