EZISEMATHENIIzindaba

Abamatekisi bafune ngodli u-R2000 kothutha izingane zesikole eBallito

Umshayeli weomoto ethutha izingane zesikole eBallito, KwaZuli-Natali ukhala ngamalungu ka-association wamatekisi iDolphin Coast Taxi Association (DCTA) ngokumphoqa ukuthi akhokhe imali engu-R2000 ukuze kudedelwe imoto yakhe ngoMsombuluko. Umnikazo wemoto ethathiwe owaseBallito kodwa umshayeli wayo owakwaDukuza, uhambisa abafundi bezikole eBallito naseMhlali.

Umshayeli umiswe maqondana nenxanxathela yezitolo iBallito Junction, waphoqwa ukuthi ashayele imoto ibheke emahhovisi eDCTA aseShakaskraal egadwe onogada abebehlome bezingovolo.

Ngokusho komnikazi wemoto, sebesemahhovisi ka-associaton izikhulu zawo ziphoqe umshayeli ukuthi akhokhe imali engu-R2000 ukuze imoto yakhe idedelwe, aphinde akhokhe imali engu-R20 000 ukuze imoto yakhe ivunyelwe ukuthi isebenze emzileni futhi ithuthe izingane.

Uthe ukhulunyiswe nomuntu okuthiwe unguJohson Govender.

Nakuba uGovender evuma ukuthi ukhulumile nomnikazi wemoto kodwa uyakuphika ukuthi kunemoto ethathiwe okanye ukuphoqwa komuntu ukuthi akhokhe isamba esithile semali.

“Onogada bameluse bamuyisa emahhovisi ethu aseShakaskraal ukuze azethule futhi simazi”, kusho uGovender.

“Uthe uthutha izingane esikoleni, sibe sesimtshela ukuthi ezokuthutha zingena ngaphansi kuka-association futhi kumele athole i-sticker. Kunemali ekhokhwayo ukuze ube ilungu lika-association wethi, inkinga umuntu engikhulume naye ocingweni ubeqhuba intwala ngewisa, esibiza ngezigebengu ngagcina ngiluvala ucingo”, kusho yena.

Uthe uma usukhokhile ku-association uthola ipheshana elinegama nesitembu sika-association eliwubufakazi bokukhokha. Ngaphandle kwalobo bufakazi, i-association iyakucitha ukuthi ike yakhokhisa umuntu”, kuqhubeka uGovender.

UGovender uthe izimoto zezingane kuyo yonke iNorth Coast zinama-sticker achaza ukuthi zingaphansi kwamuphi u-association futhi zihamba miphi imizila.

Nokho kuyaziwa ukuthi uhlelo lokuthutha izingane KwaZulu-Natali lungaphansi komnyango wezemfundo futhi izimvume zokusebenza emgwaqeni zikhishwa umnyango wezokuthutha.

Lesi gameko senzeka nje ziningi ezinye esezike zabikwa lapho iDCTA izama ukuvikela imizila yayo.

Iphephandaba i-Courier isanda kubika ukuthi lo-association uke wazama ukunqanda ukwanda kwezimoto ezingama-Uber eBallito zibe kwamashumi amabili nanhlanu (25) kuphela. Lezi moto ngokwalo-association kufanele zikhokhe njalo ngeviki ukuze zivikeleke.

Muva nje iDCTA ikhiphe isimemezelo ithi akusavunyelwe muntu ozothwala abagibeli nge-van kusukela mhlaka 8 Ntulikazi.

Kukhulunywa nokhomishani wamaphoyisa ngaphansi kwesifunda iLembe, uMajor-General Anthony Gopaul uthe i-association yamatekisi ayinalo ilungelo lokuqinisa ukulandelwa komthetho ngoba lowo umsebenzi wamaphoyisa.

Uthe uke wahlangana neDCTA ngoMsombuluko ngodaba lwabashayeli be-Uber, wakubeka kwacaca ukuthi i-association yamatekisi noma onogada bayo abanalo ilungelo lokusabisa abantu.

“Noma ubani ozotholwa esabisa abashayeli be-Uber ngezibhamu uzobhekana nengalo yomthetho”, kusho uGopaul.

UGopaul uthe uma lokhu kwenzeka abantu bangesabi ukuvula amacala eziteshini zamaphoyiseni eziseduze kwabo. “Akufanele abantu besabe ukuvula amacala emaphoyiseni, uma kuba nezinkinga bengaya ngqo kumphathi wesiteshi ukuze besizakale”. kusho yena.

*Lolu daba luthathwe kwi-The North Coast Courier

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.