Ziyenzeka ema-newsroom, ake nginitshele..
Namhlanje ngithe ake nginintshontshele kancane imikhuba yasema-newsroom.
Yazi ngikhumbula ngisasebenzela elinye lamaphephanda amakhulu esingisi.
Sasike sibizelwe emhlanganweni sitshelwe ukuthi uzibani nozibani ningaphinde nibhale ngabo ngisho kungathiwa benzeni.
Akekho owayebuza isizathu salokho, sasithula nje sibuke. Sibe singeke simcebe ndawo ngoba kwakungeke kwenze mehluko ukumceba.
Uma kwenzekile wambhala lowo muntu ngenkani yakho wawubona ngokuthi lungashicilelwa lolo daba.
Zazikhona ke nezintandokazi zakhona.
Izintandokazi zakhona zazibonakala ngokuthi zingayiphenduli imibuzo oyithumelile njengentatheli kodwa zivele zikhulume nomphathi wakho ngqo.
Uyothi usalinde impendulo kumane kungene ucingo oluvela kubaphathi.
Uyothi uyezwa: “Umenzani uzibanibanyana, nangu ekhala ethi uyamhlupha. Vele uluyeke lolo daba ngoba uyakhala.”
Luyophela kanjalo ke udaba. Uma ube nenhlanhla uyothi uyambona umphathi wakho nangu eqhiphotheke kamnandi nalo muntu ebekuthiwa uyakhala.
Ngiyakhumbula nje nangelinye ilanga, ngisasebenzela lamabhuku esingisi adumile. Ngasuka eThekwini ngalibangisa Empangeni.
Ngithe sengiyongena Empangeni lwangena ucingo luka-News Editor
“Zama umaphi, ususukile eThekwini,”
Ngokukhulu ukunganaki ngiphendule ngithi: “Ngingen’ eMpangeni manje.” kuphendula mina.
“Kuzomele ubuyele emuva ngoba asisaludingi lolo daba,” kusho u-News Editor.
Uma uqashwe kulama media house amakhulu ke awulokhu uqophisana nabaphathi. Wenza lokhu okutshelwayo uqhubeke nomunye umsebenzi.
Yimi ke loya ngishay’imoto ngibuyel’e eThekwini. Lapho ngilindwe ngabomvu eMpangeni.
Nami angisazi ngizobachazela kanjani laba ebengiya kubona eMpangeni.
Hayi, kwale ngiqunge isibindi ngibuze ukuthi kanti kwenzakalani ngoba phela lukhulu udaba ebengiyolwenza futhi bengilindiwe.
Kulowo mzuzu sengicabanga isikhathi sami no petrol engiwumoshile kanti ngihambel’ ihhala.
Ingaphum’ impendulo eqondile.
Kodwa ngithe ngifika eThekwini yabe isiputshukile indaba.
Kwakuxoshwa u-Editor in Chief. Shukuthi wagejana nabaphathi bakhe bavele bamkhomb’ indlela.
Manje, babengasafuni lutho olumhlanganisa naye, kwazitori ebeziyokwenziwa ngenxa yakhe babengasazifuni.
Kwesinye isikhathi ulubhale uqede udaba bese luyaphuma ezandleni zakho. Seluya kwabanye abazoqhubeka balusebenze, ama sub editors.
Bona ke basuke bezobheka ukuthi akukho yini okushodayo, abantu bathintwe bonke na, i-spelling namagama kubhalwe kahle na.
Iheee uyothi uyalubona ngakusasa selushintshwe lwaba ngeny’ into. Nawe selukushayisa ngamahloni, sekungathi belwenziwa ngomuny’umuntu. Lapho sekulate , ngeke kusashintsha lutho negama lakho lithiwe chwa phezulu njengombhali wodaba. Kumane kuthi yifa straight ngoba usuke ungasazi ukuthi uzophendula uyithini kulo obhale ngaye.
Ngingabala kuse emnyango ngemigilingwane yasem-newsroom.
Yize kunjalo, umsebenzi wobuntatheli umnandi kakhulu uma uzozinikela futhi uwenze ngeqiniso. Unjalo nje kumele ulindele noma yini.
*UZama Nteyi uyintatheli ezimele, ungamlandela bekhasini lika-Facebook [Zama Nteyinteyi]