Umculi ubopha abakhiqizi bohlelo lwakuMoja Love ngokumkweleta
Umculi uTebogo Ramokgadi ubopha abakhiqizi bohlelo oluboniswa kuMoja Love, Izangoma Zodumo ngokumkweleta imali emuva kokudlala ingoma yakhe ohlelweni lwabo luka-season 1 no 2. UTebogo uthi iSakhile Productions ekhiqiza lolu hlelo idlale izingoma zakhe ezintathu eziku-album ethi Simple Life ayikhiphe ngo-2020.
Phakathi kwabantu abebevela kulolu hlelo oPrudence ‘Ngwe’ Magagule noMakgotso ‘Gogo Maweni’ Makopo, kodwa yena akaze athole lutho kulolu hlelo. “Kwangijabulisa ukuzwa izingoma zami zidlalwa kulolu hlelo. Kwakuyithuba kimi ukuthi ngiveze ikhono lami emculweni, nokuyinto engayifundela.
“Ngangingenakinga ukuthi lezi ngoma ziyadlalwa, futhi ngaxoxisana nomdidiyeli weSakhile Productions, uDimi Raphoto, saba nezivumelwano. Basebenzisa cishe izingoma ezintathu noma ezine kule-album yami kodwa igama lami alifakwa kubantu ababongwa uhlelo”, kusho uTebogo.
Uthe akalindele ukuhkokhelwa imali abakhiqizi bohlelo kodwa angajabula ukuthola imali yokubamba iqhaza ohlelweni kwaSAMRO, inkinga ngeke kuze kwenzeke lokho uma engakafakiwe njengobambe iqhaza ohlelweni.
“Angifunanga mali mina kubona kodwa ukuba babelifakile igama lami ngangiyokwazi ukuthola imali ngomculo wami”, kusho yena.
UTebongo uthe ngaphezu kwalokho kuwukuhlonipha umsebenzi womuntu ukubala igama lakhe kubantu ababambe iqhaza emdlalweni, noma ngabe umshayeli, ohlanzayo, umlingisi okanye umculi. Uthe sonke lesikhathi efuna imali yakhe ulokhu eyiswa le nale umdidiyeli walo mdlalo. “Sekuphele iminyaka emibili ngilwa lolu daba kodwa akulungi lutho, umculo odlala kulolu hlelo awuzenzanga kodwa wenziwe umuntu noma abantu abathile. Izangoma Zodumo kumele zinginike imali”, kusho yena.
Inkampani yabameli, iBillson Inc. kaCameron Billson ikuqinisekisile ukuthi iyona emele uTebogo kuleli cala, ukuze kulungiseke lenkinga esithathe iminyaka yokungakhokhelwa kwakhe ngomculo odlala ohlelweni Izangoma Zodumo.
“Ihhovisi lethu lixhumana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo kulolu daba, ukuzinika ithuba lokuveza uhlangothi lwazo kulo ukuze lulungiseke. Uma izihlangothi zihluleka ukusebenzisana nathi, sizophoqeleka ukuthatha izinyathelo zomthetho ukuze kukhokheleke ikhasimende lethu”, kusho uCameron.