Izindaba

UMcG uvuma eyoxhaso luka-R75 000 ngesikhathi se-Covid 19

Umsakazi we-podcast iChill and Podcast withi McG, uMcgyer ‘McG’ Mokwevho usekuqinisekisile ukuthi inkampani yakhe iM2N Services CC yahlomula nayo ngesikhathi kuhlasele i-Covid 19 kuleli ngo-2020. Lokhu uMcG ukuveze emuva kokuba kuqubuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngomuntu owuPfundzo Mcgyver Mokwevho weM2N Services CC obekusolwa ukuthi nguye uMcG, okuvela igama lakhe ohlwini lo mnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko wabahlomula ngo-2020.

Ngalesikhathi kuhlasele i-Covid 19 kuleli ,amaciko amaningi ayengakwazi ukwenza imisebenzi yawo ngenxa yokuthi izwe lalivaliwe, kungavunyelwe muntu ukuba ahlangane nabanye abantu endaweni eyodwa.

Emasontweni edlule ungqongqoshe wezemidlalo, ubuciko namasiko, uMnuz. Gayton McKenzie umemezele ukuthi umnyango wakhe uzokhipha uhlu lwawo onke amaciko ahlomula ngesikhathi se-Covid 19 ukuze konke kube sobala. Kulolu hlu kuvela abantu abangu-3 962 abahlomula emalini engu-R72 million isiyonke eyakhishwa ilo mnyango. Imali eyakhishwa iqala ku-R2000 kuya ku-R75 000.

Inkampani kaMcG yahlomula imali engu-R75 000, nokungesinye sezigaxa zemali ezahlomulwa amaciko kulo mnyango.

Esiqeshini sakamuva seChill and Podcast with McG, lo msakazi uqinisekise ukuthi umuntu owabonakala kulolu hlu lo mnyango enguPfundzo Mcgyver Mukwevho weM2N Services CC nebala kwakuwuyena futhi inkampani yakhe le eyahlomula ngoxhaso. Uqhubeke wachaza ukuthi kwenzeka kanjani konke lokhu nokuthi kungani kwenzeka.

UMcG uqale wachazela uzakwabo asebenza naye kwi-podcast ukuthi abantu abathukile mabezwa ngalolu xhaso ilaba abangalulandeli lolu hlelo lwabo ngoba selokhu baluthola abakaze balufihle.

“Ngiyakhumbula saqopha isiqephu noNota, owayengumphathi kaNaida nomphathi ka-AKA ngaleso sikhathi. Besino-R100 kwi-account yethu, saphinde senza isiqephu no-DJ Sbu.

“Uma ukhumbula kahle ngaphambi kwalelo sonto sase sicabanga ukuyeka ngoba ayikho nhlobo imali eyayingena. Emuva kweminyaka emibili singenzi mali, lolu xhaso kwakuyimali yokuqala eyangena ebhizinisini. Ngaqale ngazitshela ukuthi u-R90 000 kodwa sengibuka kahle ngabona ukuthi u-R75 000. Ngasuka lapho ngaya ethimbeni engisebenza nalo, ngiyobabuza ukuthi sizoyehlukanisa kanjani lemali?”, kusho uMcG.

Mayeqhubeka echaza uthe babonisana ukuthi bazoyisebenzisa kanjani le mali. “Ngicabanga ukuthi sathatha u-R30 000 sawufaka ebhizinisini ukuze sithenge izinto ezifana nemishini, kwathi enye sase siyehlukaniselana ngokulinganayo”, kusho yena.

Uthe watshelwa i-accountant yakhe ukuthi kumele befake isicelo sale mali ngoba banakho konke okudingekayo ukuze behlomule, nakuba waqale wangayinaka lento kodwa benza konke okwakudingeka ukuthi bethole lolu xhaso.

UMcG uthe akanankinga yena ngokuvezelwa komphakathi uhlu lwabantu abahlomula uxhaso ngesikhathi se-Covid 19 ngoba wonke umuntu uyathanda ukwazi ukuthi kwenzakalani.

Abahlomula kulolu xhaso babefaka izicelo, bese bezithumela emnyangweni zicutshungulwe ithimba elalihlanganiswe abasebenzi bomnyango. Lolu xhaso lwaluyimali eyayikhokhwa kanye ngesikhathi se-Covid 19, abantu bengavunyelwe ukwenza nokuhambela imicimbi ngakho kwakuyimizamo yokulekelela umkhakha wezobuciko ngesikhathi somvalazwe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.