Sekwahlala imishini namaloli osonkontileka Eyadini Lounge yodumo lobumnandi Emlazi
Indawo yokuzijuxuza ebihanjelwa kakhulu abathandi bobumnandi eMlazi, i-Eyadini Lounge and Shisanyama isiphenduke idepho yokubeka amaloli nemishini yokusebenza izinkontileka. Le ndawo obekungekaJabulani ‘Jigga Money’ Zama ivalwe ngonyaka odlule emuva kokudlula kwakhe emhlabeni ngenxa yokuxinwa ukugula.
Le ndawo ibihanjelwa izivakashi ezivela kwezinye izifundazwe kanye nezasemazweni angomakhelwane bakuleli ngenxa yenjabulo nobumnandi obebutholakala kuyo.
UZama le ndawo uyakhe ngo-2009, elokhu eyinweba, yaze yavulwa ngokusemthethweni ngo-2011. “Abantu abaningi bebethutheleka kuyo njengoba bekuyipelasonto yeDurban July ngenhloso yokuzonethezeka, nokho badumele bethola ukuthi sekwahlala imishini namaloli okusebenza izinkampani zokwakha. Basuke beqinisile uma bethi, umuntu mayefa izinto zakhe ziyamlandela. Nabu ubufakazi ngeYadini”, kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe, “Shuthi umndeni wakhe awufuni ukuzihlanganisa naleli bhizinisi likaJigga Money”.
UZama ushone ngoNcwaba 2024 emuva kokuhlaselwa kanzima isifo sohlangothi kanti umcimbi wokugcina omkhulu obe kule ndawo bekungowokuvalelisa umculi ongasekho obeyilungu leBig Nuz, uMampintsha.
Ngesikhathi esabambekile uZama umndeni wakhe wakhipha isitatimende esasifundeka kanje, “Ngenxa yesimo sempilo yakhe nokumnika isikhathi sokuthi elulame i-Eyadini Lounge izoke ivalwe okwesikhashana kuze kube kuyashiwo ukuthi izovulwa nini”, kusho isitatimende.