EZISEMATHENIIzindaba

Bamatanisa ‘uMaMkhize’ nesigameko sokudutshulwa kogalagala lommeli wakwaSARS

Abantu bebelokhu bekhuluma ngegama likaShauwn ‘MaMkhize’ Mkhize kusukela ngoLwesine, okuyilanga okudutshulwe ngalo ummeli odume ngokusebenza amacala akwaSARS, u-Advocate Coreth Naudé esendaweni yokupaka ehhotela ahlala kulo ngaseGateway Shopping NaudéMall, eMhlanga. Lesi gameko senzeke mhlaka-18 Ntulikazi ngesikhathi abalisa abangaziwa behla emotweni ebebehamba ngayo baqonda ngqo emotweni ka-Adv. Naude, bamdubula amahlandla amathathu babaleka.

UShauwn unenkampani iZikhulise Construction neqembu lebhola lezinyawo, iRoyal AM kanti kunemibiko esabalele ukuthi ukweleta iSARS imali engu-R37 million.

U-Adv. Naudé udutshulwa nje kuthiwa ubeseThekwini ngenhloso yokulandelela amacala awaphenyayo amayelana nokukhwabanisela iSARS. Amanye alamacala kubalwa nelithinta usomabhizinisi waseThekwini obuye nohlelo lukamabonakude, uShauwn osekuneminyaka egijimisana neSARS.

Phambili kuke kwaba nemibiko ethi uShauwn ubheke nokuthathelwa impahla yakhe ukuze kukhokheleke isikweletu sakhe sakwaSARS.

Ngokwe-website, iMoneyweb eke yabiza uShauwn ngesigangi esidlaladlala uSARS, ibike ukuthi lo somabhizinisi sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi ebhekene nokukweleta inhlangano eqoqa intela kuleli.

INews24 yona ibike ukuthi kudutshulwa u-Adv. Naudé nje, kubulawe umyeni wakhe, uCloete Murray nendodana yakhe, uThomas. Kubikwa ukuthi u-Adv. Naude nomyeni wakhe basebenze ndawonye iminyaka ecaleni elithinta imininingwane yentela nokugcinwa kwempahla ethathwe kuShauwn, lapho uCloete ubenikwe umsebenzi wokuba isikhonzi senkantolo.

Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana baphawulela emuva kwesigameko sokudutshulwa kommeli, abanye bekhomba iminwe kuShauwn kodwa abanye bemvikela. Khona obhale ku-X wathi abantu kumele bekhumbule ukuthi akusiye yedwa uShauwn obephenywa u-Adv. Naudé ngamacala athinta iSARS eThekwini.

U @mpho_khumalo1 uthe, “Kulula nje ukukhomba uMaMkhize. Abekho yini abanye abaphenyayo”.

U @ClownSeekers uthe, “Manje kufanele kube uMaMkhize. Kuze kube ngathi uyena kuphela obengamlimaza”.

U @Bro_mandla uthe, “Abayeke uMaMkhize phansi. Akulo lodwa icala alenzayo”.

U @Mlungisi_Mabaso uthe, “Yini vele ukuthi uMaMkhize abe umsolwa wokuqala?”

U @Teekaylive90 uthe, “Yekani uMaMkhize”

Nokho bakhona abanye abekhomba iminwe kuyena uShauwn.

U @ItsVucee uthe, “UMaMkhize kufanele akhulume iqiniso”.

U @Blacksm73251911 uthe, “UMaMkhize kumele aphenywe”.

U @tu_mi03 uthe, “Ngiyamzonda lo muntu wesifazane ngokuthenga iBloemfontein Celtic, ayisuse kubantu abayithandayo”.

U @sadneysloa uthe, “EThekwini futhi…Abantu kufanele beqhele kuleya ndawo”.

*Lolu daba luthathwe kwi-The Citizen

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.