Udube ithimba ebelithunywe iNkosi uMswati lizolobola indodakazi yakhe uZuma
Ulishiye liphakathi nezingxoxo zamalobolo owayengumengameli wakuleli, uMnuz. Jacob Zuma ithimba lasEswatini ebelithunywe iNkosi Mswati wesithathu ukuzocela isihlobo esihle ngendodakazi yakhe, uNomcebo. Ithimba ebelivela Eswatini belizolobola indondakazi kaZuma, uNomcebo eneminyaka engamashumi amabili nanye (21) emzini wakhe kwaDakwadunuse eNkandla, KwaZulu-Natali.
Umthombo osondelene nodaba ukhulume nephephandaba lasEswatini, iSwaziland News uthe ubuqala ukubona uZuma ekulesa simo sokucasuka. “Angikaze ngimbone uNxamalala ecasuke ngaleya ndlela. Uzamile ukufihla kodwa bekubonakala ukuthi ugane unwabu.
“Usukume kuxoxwa wathi seniyosala nodwa abafana bakithi, angeke ngibe ingxenye yalento, nizoqhubeka ngaphandle kwami. Uqede lapho waphuma wazihambela. Sasala sinkemile”, kusho umthombo.
Umthombo ubuyingxenye yethimba ebelithunywe iNkosi Mswati. Abanye abebevela Eswatini bekungo-Chief Mgwagwa Gamedze oyisikhulu esiphezulu ehhovisi leNkosi uMswati, uPrince Hlangabeza noPrince Qethuka Sigombeni Dlamini. Obeyingxenye yalelithimba evela KwaZulu, uMntwana uSimphiwe Zulu ongumkhulumeli weSilo ehambisana nomdidiyeli wamabutho akwaZulu ongashiwongo.
Kuthiwa kuthe kuqhubeka izingxoxo uZuma nabaqaphi bakhe bahamba, babashiya kanjalo besakhuluma.
“Ubona sengathi uhanjwe ngemuva ngoba yena neNkosi uMswati bazwana kudala kodwa akaze amazise ukuthi unesifiso sokwenza enye yamadodakazi akhe umkakhe. Esikwaziyo, okuke kwenzeka ukuthi iNkosi uMswati yake yamazisa uNxamalala ukuthi inesifiso sokuthi indodana iganwe indodakazi yakhe”, kusho umthombo.
INkosi uMswati kumanje inamakhosikazi ayishumi nanhlanu (15). Nokho abaningi bebezitshela ukuthi iNkosi isimile ukuthatha amakhosikazi njengoba sekuyisikhathi yagcina ukukhuluma ngesifiso sokufuna ukulamanisa amakhosikazi aso.
Omunye wamakhosikazi eNkosi uMswati ongathandi ukwaziwa ukhulume nomhleli weSwaziland News, ethi abaneme ngesinqumo seNkosi sokuthatha omunye unkosikazi njengoba ihluleka ukuphatha kahle laba abakhona.
Kuthiwa indodakazi kaZuma ebizolotsholwa, uNomcebo sekujwayelekile ukuthi abonakale Eswatini. Ngokwemininingwane esehhovisi lomnyango wezasekhaya, uNomcebo uke wangena Eswatini ngomngcele iLavumisa neOshoek-Ngwenya, lapho efike wahlala amasonto amathathu ngaphambi kokubuyela ekhaya.
Ezivela ngaphakathi Eswatini zithi esikhathini esingaphambili uNomcebo ubehlala emahhotela ehlukene kuleliyazwe kodwa manje sekunendawo ahlala kuyona mayevakashile lapho alungiselelwa khona umkhosi womhlanga oba minyaka yonke, azokwethulwa kuwona njengeLiphovela. Kuthiwa uNomcebo uzokwethula kulomkhosi ozoba ngoNcwaba.
ILiphovela owesifazane osuke enobudlelwane obusemthethweni neNkosi kodwa osuke engakashadi nayo.
Omunye osondelene nomndeni wakwaZuma uveze ukuthi iNkosi uMswati ike yazisa uZuma ukuthi, indodana yayo eneminyaka engamashumi amathathu (30) ike yayazisa ukuthi inesifiso sokushadelwa indodakazi kaZuma uNomcebo. Manje ikho lokhu okwacasula uZuma ukuthi bethi mabefika laba abaphuma Eswatini bese kuvela ukuthi kanti iyona uqobo iNkosi ezolobola.
Kuthiwa ithimba ebeliphuma Eswatini belizovela kwaDakwadunuse nezinkomo eziyikhulu (100) nensavunsavu yemali. Akuqali ukuthi kube nokuganiselana phakathi komndeni wakwaZuma nowakwaDlamini Eswatini njengoba naye uZuma eke waba sebudlelwaneni bezothando nodadewabo weNkosi, uSebentile. UZuma wamlobola uSebentile kodwa wagcina engashadanga naye.