Indodakazi ka-AKA inqobe indondo kumncintiswano womhlaba
Unqobe umncintiswano obubhekwe ngabomvu, uKairo Forbes oyindodakazi yomrepha wakuleli, u-AKA njengoba ekhale wemuke nendondo emkhakheni weFavourite African Kidfluencer emcimbini wokuklomelisa izindondo iNickeloden Kids Choice Awards. Lo mcimbi wezindondo ubuphesheya eBarker Hangar eSanta Monica eCalifornia, bekuhlelwe ukuthi abakuleli bewubuke eMontecasino eFourways eGoli.
Ephawula emuva kokunqoba le ndondo uKairo uthe kuyamthokozisa ukuthi alandele ezinyathelweni zikababa wakhe futhi uzizwa ejabule ukuthi impilo yakhe igqugquzela nabanye abantu abasebancane.

Isithombe: UKairo Forbes emukela indondo emkhakheni weFavourite African Kidfluencer emcimbini weNickeloden Kids Choice Awards.
Ngo-2019 ubaba kaKairo, u-AKA wanqoba iNickeloden Kids Choice Awards emkhakheni weFavourite SA Star, nokwakungokokuqala ukuthi kube khona oyinqobayo kuleli.
U-DJ Zinhle ongumama kaKairo naye uzwakalise ukuthokoza kwakhe ngokunqoba kwendodakazi yakhe le ndondo, ebalula ukuthi bebeyibheke ngabomvu ngakolunye uhlangothi futhi bebemincile njengoba bebengathembi kahle ukuthi uKairo uzoyinqoba le ndondo. Ngonyaka odlule uKairo unqobe indondo yeSocial Media Kid Influencer of the Year kumaSouth African Social Media Awards.
Okunye akushilo uKairo ukuthi ezinsukwini ezizayo emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana, uzobe egxile kakhulu ekudanseni, ukufaka ama-video okunakekela isikhumba kanye kanye nawokuziphaqula.