Ake wenze kakhulu lokhu oqashelwe khona emsebenzini
Kuyinyanga ebalulekile okwazalwa ngayo iqhawe lethu uTata uMadiba, ngithi ake ngikhuthaze ukwenza kahle. Ngikhuluma ngokwenza umsebenzi oqashelwe wona ngokuzimisela.
Ziningi izizathu ezenza umuntu awenyanye umsebenzi wakhe. Kungaba yingcindezi evela kumqashi, imali encane, ukuhlukumezeka, ukungakhuli nokunye.
Noma zikhona zonke lezozinto kepha namuhla ngifisa ukuthi kuwe, uhloniphe umsebenzi okubekela isinkwa etafuleni. Ungazenyezi ngawo. Uthathe njengesitebhisi ozosisebenzisa ukufinyelela la ofisa ukuya khona. Uma ungagculisekile yibe uqalaza kwenye indawo kodwa ube ubambile lapho. Ukusebenza ngokuzimisela kusho lukhulu ngawe uqobo. Uma ungenzi kahle kuyokwenzeka ubonwe umuntu obezokuqasha bese ebona sengathi vele kshuthi ungumuntu ongazimiseli emsebenzini.
Encwadini yami esihloko sithi “Don’t die in the cage” kukhona lapho ngithi khona “What ever you take for granted you will lose“. Okungukuthi noma yini oyithatha kancane izokulahlekela. Kunabantu othola ukuthi abanendaba nasineke ngabantu abasebenza ngabo. Abahloniphi ngisho abantu abadala. Uzwe umuntu emkhaca kabuhlungu umuntu omdala kuze kuzwele kuwe useceleni. Abanye basebenzisa kakhulu isikhundla nemfundo ukungahloniphi imisebenzi yabo.
Khumbula ukuthi kukhona umuntu ongenza noma yini ukuthola lowo msebenzi noma isikhundla okuso. Isondo lempilo liyajika jika. Funda ukukwazi ukuphilisana nabantu. UJehova unendlela yakhe yokuthobisa labo abazikhukbumezayo.
Ungawubukeli phansi umsebenzi wakho owenzayo. Futhi ungawuthwali ekhanda uma ubona ukuthi umsebenzi ongcono kuneminye. Yenza lokhu okuqashelwe ngokuzimisela.
Yebo zikhona izinkinga ezehlukahlukene esibhekana nazo ezindaweni zokusebenza, kepha singakukhipheli lokho kubantu esisebenza ngabo. Singakukhipheli lokho kubantu abasondelene nathi futhi abangahlangene nakho.
Abanye bahlushwa ubuvila ke nje nokwedelela. Abanye bahlushwa umona bese behlala ngamagama abanye emsebenzini. Inhloso yomsebenzi ukwenza imali sishintshe izimpilo zethu. Omunye uphatheka kabi uma kunganconywa yena kunconywa abanye. Sikuphi isizathu sokuthakatha okanye uxoshise umuntu engakonanga ngalutho? Kungani uzithwala ubukele abanye abantu phansi ngendelelo.
Sonke siyakwazi okulungile okumele sikwenze emsebenzini. Izinsuku azifani yebo kodwa sebenza ngokuzimisela uhloniphe umsebenzi wakho.
Sikhala mihla namalanga ngokungabibikho kwemisebenzi. Kodwa abanye uma sebewutholile banakho ukuwedelela bengawuhloniphi.
Awqashelwanga ukuxokiza. Awqashelwanga ukudla ingevu ungabasizi abantu osebenza ngabo ngesikhathi somsebenzi. Khuluma kahle nabantu.
Kuyenze ka ke usuku lwakho loniwe yibo abantu emsebenzini. Ungavumi kodwa umuntu oyedwa enze ube nobudlelwane obubi nabantu abaningi. Funda ukulawula imizwa yakho. Ungacasuki kuze kushone ilanga ngento eyenzeke kuqala usuku.
Inkosi ikubusise kufezeke izifiso nemikhuleko yakho. Kuvele amathuba amasha azokukhulisa ashintshe impilo yakho.
Kuze kube ngokuzayo.
*UBoni Mahlinza ubgusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo