UMama Joy uthi ama-Springboks adliwe ngoba ubengekho
Usematheni kulezi nsuku umlandeli ovelele wezemidlalo uJoy ‘Mama Joy’ Chauke ogqame kakhulu esawumlandeli omkhulu weqembu elidlala ku-PSL, i-Orlando Pirates. Okugqamisa uMama Joy ukuthi ungqongqoshe osanda kuqokwa wezemidlalo, ubuciko namasiko, uMnuz. Gayton McKenzie umemezele ukuthi uyakumisa ukukhokhelwa kwabalandeli abavelele ukuthi beyobuka imidlalo yamaqembu akuleli uma edlala.
UMama Joy ukholwa ukuthi ukungabi ingxenye yomdlalo we-test yesibili obuseKing’s Park Stadium eThekwini ngoMgqibelo ikhona okudlise iqembu lakuleli amaSpringboks nge-Ireland ngo 24 – 25.
UMama Joy ungomunye wabalandeli abebekhokhelwa umnyango ukuthi beyokubukela imidlalo yamaqembu akuleli mayedlala ekhaya naphesheya kwezilwandle. Ubhale ku-X [Twitter] ephawula ngomphumela womdlalo. “Inhlanhla kaMama Joy ibingekho laphana. Emdlalweni odlule ngithandazile ngangadlangenzela iqembu lami, kodwa namuhla ngidle i-pap and vleis ekuseni, ngesikhathi sekudlala umdlalo bengidla ama-snacks.
“Ngomdlalo olandelayo asibheje, uma ngizobe ngikhona sizowunqoba umdlalo”, kusho yena emuva komdlalo.
Uthe kufanele ungqongqoshe uMcKenzie abone ukubaluleka kweqhaza lakhe emidlalweni. “Ungqongqoshe wezemidlalo kumele aqonde ukuthi uMama Joy uneqhaza elibalulekile kwezemidlalo nakumaSpringboks”, kusho uMama Joy.
Echaza ukuthi unikwe ithuba lokuyobuka umdlalo inhlangano yabalandeli, iBraai Army kodwa wanqaba. ‘Ngifuna ukubonga iBraai Army, uDan noMajor. Sengathi uNkulunkulu namadlozi ami anganibusisa. Ningimeme eThekwini futhi benikulungele ukukhokhela izindleko zokugibela, ithikithi kanye nezindleko zokudla ngoba nganqaba ngawubuka kumabonakude umdlalo”, kusho yena.
Phambilini lo mnyango usebenzise imali engu-R1.3 million ukukhokhela zonke izindleko zokuhamba kukaMama Joy noBotha Msila ukuya emidlalweni yendebe yomhlaba yebhola lombhoxo ebiseFrance.