Izindaba

Owe Jozi FM obishini ngokushaya owesifazane

Nakuba eqhubeka nomsebenzi wakhe kuJozi FM, uTshepo Junior Makgopa kodwa usobishini njengoba ehlalelwe ukuqula icala lokushaya owesifazane owumngani kankosikazi wakhe. UMakgopa kulindeleke ukuthi avele enkantolo iProtea Magistrate Court ngomhlaka-17 Ntulikazi.

Ngokombiko otholwe UMKHAYA, uMakgoba okuvele ukuthi ungumphathi wezinhlelo kuJozi FM uboshwe ngoNhlolanja nonyaka ngaleli cala kodwa usaqhubeka nomsebenzi wakhe kulo msakazo.

Kuthiwa washaya umngani kankosikazi wakhe, uRose Buthelezi ngomhlaka-27 Masingana emuva kokuba kade bezikhiphile bonke kanti isimo sizogcina sishuba, kwaba nengxabane eyaholela ekushaweni kwalona wesifazane.

Uvelile enkantolo ngomhlaka-10 Nhlangulana kodwa icala lahlehlela isonto elizayo.

URose oyisisulu kuloku daba uthe akafuni ukuthi uMakgopa axolise kuye ngesenzo sakhe kodwa ufuna umthetho udlale indima yawo. “Anginendaba nokuxolisa kwakhe mina. Ngifuna umthetho udlale eyawo indima. Inkinga okwamanje ukuthi lo muntu usasebenza namanje, futhi wenza impilo yendoda yami ibe nzima njengoba esebenza nayo nje”, kusho uButhelezi.

Elandisa ngesigameko uthe babesikhiphile yena, indoda yakhe uPrince Tshabalala [naye osebenza kuJozi FM], umngani wakhe, nomyeni wakhe [uMakgopa].

Uthe uMakgopa wamshaya emuva kokuba eqale ngokushaya umkakhe, okwathi mayemvikela wase engenela yena [uRose] emshaya. “Umsindo waqala ngesikhathi indoda yami ibuza omunye wabangani bethu, uPaul, imali yakhe ngomcimbi eyagcina ingakhokhelwangwa kuwo”, kusho uRose.

“UMakgopa wabe esegxambukela kuleyongxoxo, ethuka indoda yami esho khona ukuthi ayinamali futhi iqala izimpi. Ngaqala nami ngangenelela, ngikhuza ukuthi abehlise umoya ngoba sisemphakathini futhi abantu bazoze basinake. Waqala uMakgopa wathuka mina engibiza ngawo onke amagama. Ngabona ukuthi lento izokwanda ngase ngibashiya ngiya endlini yangasese ukuthi ngehlise umoya. Sengibuya base bengasekho bonke futhi vele kwase kumele sihambe.

“Endleleni sesigoduka umkakhe wambuza ukuthi kungani wagxambukela engxoxweni yendoda yami noPaul, ngoba ukube akazange akwenze lokho ngabe sisajabula. Ilapho aqala khona ukuthuka umkakhe”, kulandisa uRose.

Uthe ngesikhathi befika emzini wakhe [uMakgopa] waphuma emotweni wase eya ngasesicabheni esasizophuma umkakhe, wafike wavula isicabha wase emdonsa emhudula phansi, wamshaya ngequpha wawa phansi.

“Ngehla emotweni masisha ngifuna ukumvimba, ngazama ukukhuluma naye. Ilapho-ke abe esengishaya khona. Waqale wangishaya ebusweni, wase eqhubeka engishaya yonke indawo, engishayiswa okwenja”. kuchaza yena.

URose uthi ngakusasa ekuseni wavuka umzimba wakhe uvuvukele. “Wangishaya kanzima lowamuntu, engifaka iqupha, engikhahlela, engiphushela nasemotweni”, kusho yena.

Uthe wabe eseyovula icala esiteshini samaphoyisa eProtea Glen.ngomhlaka-30 Masingana. UMakgopa waboshwa izinsuku ezintathu wabe esebekwa icala. Wavela enkantolo , icala lahlehliswa emuva kokuthola i-bail .

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.