Umlilo ohlasele esifundazweni iKZN usubulele abacishumlilo abayisithupha
Umlilo oqale ukusha kusukela ngeSonto eledlule ezindaweni ezehlukene esifundazweni sakwaZulu-Natali usudlule nabacishumlilo abayisithupha (6). Abathathu kulaba kuthiwa bashone ngeSonto ekuseni, kwathi abanye abathathu bashona esibhedlela ebusuku.
Izindaba zokufa kwalaba ziqinisekiswe ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu esifundazweni, uMfu. Thulasizwe Buthelezi. Ngokusho kukaMfu. Buthelezi abashonile bebezama ukucisha umlilo obusha ubuwanguwangu emahlathini aseBoston eMpendle ngaphansi kukamasipala, Umngeni Municipality eMgungundlovu.
Ngokombiko kangqongqoshe abacishumlilo bathe bezama ukucisha umlilo obuyikoba bazithola sebephakathi kwawo njengoba umoya uvele washintsha esithubeni bangabe besakwazi ukulawula umlilo.
Ungqongqoshe, uMfu. Buthelezi udlulise amazwi enduduzo emndenini yalabasebenzi abashonile njengoba beshone benza umsebenzi wabo ngokuzikhandla. “Sidumele kakhulu ngokudlula kwalabasebenzi bethu abebesenza ngokuzikhandla ukuvikela abanye ukuthi bengalinyazwa umlilo”, kusho uMfu Buthelezi.
“Sidlulisa amazwi induduzo emndenini yabadlulile bese sifisela abalimele ukuthi besheshe belulame”, kusho uMfu. Buthelezi.
UMfu. Buthelezi umise idolo abalimi ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzokwenza konke ongakwenza ukusiza abalimi abangazi bazothatha ini bahlanganise nani ngalesikhathi njengoba iningi labalimi lifelwe imfuyo ngesikhathi umlilo uhlasele ezindaweni ezehlukene. Ungqongqoshe uphinde wahlangana nomphakathi wasoLundi okhahlamezwe umlilo ngenhloso yokunikela ngezimpahla kanye nezinto zokucisha umlilo. Unxuse ukuthi izingxenye ebezihlaselwe umlilo zithathwe njengendawo yenhlekelele.
Lo mlilo udlule nemiphefumulo yabantu abayishumi nesithupha sebebonke, kuhlanganisa owesifazane obekhulelwe kanye nengane enezinyanga eziyishumi nesithupha.