EZEMIDLALOIzindaba

Sekutholwe ozovala indawo kaKhune kuChiefs

Umthombo othembekile ngaphakathi kuKaizer Chiefs usudalule ukuthi leli qembu selimtholile unozinti ozovala indawo Itumeleng Khune ongahambanga neqembu njengoba lizilungiselela i-season entsha eTurkey.

Kuthiwa iChiefs ayiyivuselelanga inkontileka kaKhune ebiphela mhlaka-30 Nhlangulana njengoba iqembu lilungiselela ukuqala kwe-season ka-2024/25. Ngokomthombo leli qembu laseNaturena selithole u-Fiacre Ntwari odlalela iTS Galaxy okungunozonti ozovala indawo Khune.

“Izingxoxo zohambe kahle kakhulu, imali okuvunyelwene ngayo u-R7 million. Izinto abezethule eqenjini kuvulwene ngayo. Osekusele ukuthi ajoyine ozakwabo eTurkey”, kusho umthombo.

Ukuvela kwalezi ndaba kuqinisekisa ukuthi uKhune usewabeka ethala amakhokho.

Oyi-Marketing Director kuChiefs, uJessica Motaung basaxoxisana noKhune ngomsebenzi omusha abacabanga ukumnika wona eqenjini. Njengoba iqembu liseTurkey nje uKhune akayona ingxenye yalo. Iqembu lizilungiselela i-season entsha eTurkey ngemidlalo yesihle namaqembu akhona ehlukene. Kulindeleke ukuthi uNtwari ajoyine iqembu eTurkey.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com