Izindaba

Ubuyela emsakazweni uDJ Fresh

Emuva kwesikhathi eside engezwakali emsakazweni, uDJ Fresh useqinisekise amahlebezi okuthi angase abuyele emsakazweni ngonyaka olandelayo wezinguquko ezinhlelweni nakubasakazi ngoNdasa 2025. Lo DJ uxoshwe iMetro FM ngo-2019, wadlulela ku-947, nayo yamxosha ngo-2021.

IMetro FM imxoshe emuva kokuba ebize igama elithi “msun*%#ery” emoyeni, nakholwa ukuthi akusona isizathu ayengaxoshelwa sona leso. Ngaleso sikhathi ubenza uhlelo lwasekuseni iFresh Breakfast Show. “Angikholwa ukuthi ngaxoshelwa ukubiza lelo gama. Ngamiswa inyanga”, kusho yena.

I-SABC yamtshela ukuthi utholakale enecala lokuphula isigaba somthetho weBroadcasting Complaints Commision of South Africa (BCCSA), u-clause 6 wokuziphatha. “I-BCCSA yona yathi ayiboni lutho ngoba alikho igama elinjalo . Ukube babethe angixolise, nebala ngangiyokwenza njalo kodwa uqala ngokungijezisa bese kufanele ngibuye ngizothi ngiyaxolisa”, kusho yena.

Emuva kokuxoshwa iMetro FM, ujoyine i-947 nayo emxoshile ekanye no DJ Euphonik ngezinsolo ezimayelana nokuhlukumzeka ngokocansi, nokho kophenyo olwenziwa iPrimedia ephethe i-947 laba baphuma baphimbili ecaleni abebekwe lona.

Kuthe ngoNhlolanja 2023, uDJ Fresh wasungula ipodcast ayenza kanye evikini ayibiza ngokuthi WAW! What a Week.

Noma ekuqinisekisile ukuthi uzobuyela emsakazweni kodwa akazange asimemezele isiteshi azoya kusona. Akushilo ukuthi ujabule kakhulu ngokubuyela kwakhe emsakazweni.

“Ngizobuyela ngoNdasa kodwa ngeke ngisho ukuthi kuphi okwamanje”, kusho yena.

UDJ Fresh usanda kubonakala eklwebha amatafula ohlelweni lukaDJ Sbu, alwenza kuRadio 2000, iThe Big Breakfast.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.