Izindaba

Kuzongenwa ngomazisi e-studio esisha sikaDJ Tira

Emuva kokugqekezwa kwe-studio sakhe ezinyangeni ezintathu ezedlule uMthokozisi ‘DJ Tira’ Khathi usememezele ukuthi sekuzongenwa ngomazisi e-studio sakhe esilungiswe kabusha. NgoNdasa nonyaka, estudio sikaDJ Tira esiseDurban North kwangena izigebengu zantshontsha yonke impahla eyayiphakathi kuhlanganisa nemishini okuqoshwa ngayo.

Kuleli sonto, uDJ Tira ufake ekhasini lakhe lika-Instagram i-video ebonisa nge-studio sakhe esiwubukhazikhazi, ebihambisana nombhalo obuthi: “God we trust, Afro studio revamped. Ready to create more magic with amazing talent”, okungahumushwa ngokuthi, ‘Sithemba kuNkulunkulu, istudio se-Afro senziwe kabusha. Sesikulungele ukusungula eminye imilingo ngethalente elimangalisayo”.

Uthe into ebisiyinselelo kakhulu ukuthi ubesengakwazi ukwenza umculo.

“Bese kufanele ukuthi ngiqinise ezokuphepha ngoba angifuni ukuphinde ngehlelwe isehlo esisodwa esangibuyisela emuva ngaze ngangakwazi ukuwenza umculo. Ezokuphepha zaphazamiseka futhi bengingenawo ama-camera aqopha konke okwenzeka e-studio. Njengamanje sengiqinisekise ukuthi ezokuphepha ziqinile futhi abantu abazongena estudio sami bazobhalisa amagama abo manje. Yonke into izohleleka manje”, kusho uDJ Tira.

Ngeke ngisavumela manje abantu engingabazi bengene estudio sami. Kufanele abantu mabezoza khona bahlele futhi befike nomazisi babo ngoba ngeke ngisasinisa mahleza manje. Ngizoba nemimingwane yawo wonke umuntu ongena estudio. Ngifunde kanzima ngokwangehlela, ngifunde ukuthi ezokuphepha zibalulekile”, kuchaza yena.

Nakuba le ndawo kaDJ Tira yayonomshwalense kodwa inkampani abeyikhokhela njalo ngenyanga ayikhiphanga imali yonke imali yolungisa istudio sakhe. “Umshwalense uzamile ukungihlangabeza kodwa nami ngikhiphe ephaketheni lami ngoba bengifuna ukuthi sibukeke kahle istudio sami. Ziyakhala manje”, kusho uDJ Tira.

Uthe njengoba eseqinise ezokuphepha nje usekulungele ukwenza umsebenzi wakhe. “Sengikulungele ukuphinde ngenze umculo ngiphinde ngijabulise abalandeli bami ezindaweni zobumnandi”, kuphetha uDJ Tira.

*Lolu daba luthathwe kwiTimesLive

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.