Izindaba

Isihlalo sobukhosi sihlukanisa phakathi isizwe sakwaMthethwa

Ushubile umbango wesihlalo sobukhosi esizweni sakwaMthethwa eMpangeni, KwaZulu-Natali.

Ngeledlule amaziko ezindaba ake abika ngokuphakanyiswa kukaMduduzeni KaNtembayabathethwa Mthethwa njengokufanele ukuhlala kulesihlalo njengoba ezalwa inkosi Ntemba ekhothame ngo 2017 kuZibandlela.

Muva nje amadodana ezinyane le Nkosi elingasekho, uMbusowabathethwa Vini kaNtembayabathethwa Mthethwa oke waba libamba bukhosi athi lesihlalo ngesasendlini yakwabo kuliphutha ukuthi singathathwa ubaba omncane wabo uMduduzeni.

Engxoxweni neziko lezindaba baveze ukuthi yebo bayavuma ukuthi ugogo wabo ozala uMduduzeni okunguMaCele wafakwa endlini yezalankosi uMaMnqayi njengengane ezothunywa isize izalankosi kepha lokho kwakungasho ukuthi sekuyoba nguye oyozala inkosi.

Kanti futhi uMbusowabathethwa washiya emhlabeni amakhosikazi amane kukhona kuwo undlunkulu wokuqala uMaMbuyazi wasebukhosini bakwaMbuyazi kwaMbonambi okungafuneki kufuniselwe ngoba kwahlangana amagazi amabili asebukhosini kusho lukhulu lokho.

Kanti ngapha ohlangothini lukaMduduzeni bamile kwelokuthi simfanele isihlalo ngesakhe futhi kwake kwenzeka inkosi Ntemba isaphila yabahlalisa ebhentshini benoMbusowabathethwa yabayala ukuthi babambisane futhi kungabibikho okwenziwa uMbusowabathethwa engamazisile umfowabo uMduduzeni nabakutolika ngokuthi lokho uMbusowabathethwa ubelibambelankosi yingakho engakaze abizwe ngenkosi ubelokhu elibamba waze wedlula emhlabeni.

Umbango ngalesihlalo usenkantolo njengoba sekuvele nohlangothi lolibo lwenkosi uDingiswayo nalo oluthi kwase kuqaleni kwakuvele kungesabo lesihlalo.

*Lolu daba luthathwe kwi-1kzntv News

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.