EZISEMATHENIIzindaba

Bayanda abachitha umcimbi kamaskandi oseGoli

Sekuvele omunye umculi kamaskandi osekhwele wadilika kumhleli womcimbi obizwa ngeBadedele Maskandi Festival okuhlelwe ukuthi ube seGoli mhlaka-13 Ntulikazi. Ngokwemininingwane yalo mcimbi uzoba seNew Precinct Newtonw Park.

UNjoko ‘iHobosha’ Mbambo ubhale ekhasini lakhe likaFacebook egxeka Intaba yaseDubai ngokuba namanga nohluleka ukwenza into ehlelekile njengoba sekuvele ukuthi sekushintshe indawo lo mcimbi ozoba kuyo kodwa abaculi bangaziswa. Okunye akhale ngakho uNjoko ukuthi kuze kube manje abakanikwa imali yesibambiso yize umhleli womcimbi eke wamemezela ukuthi sekuthengwe amathikithi angu-10 000.

Umculi wokuqala owuhlabe wawuhlikiza lo mcimbi uMthandeni Manqele. Ngesonto eledlule uMthandeni ubhale ekhasini lakhe ethu ngeke abe ingxenye yalo mcimbi uma lingafakwa igama lo mkhaya wakhe uSmirnoff kuwo.

Uqhubeke wanxenxa abanye abaculi ukuthi bengazibandakanyi nawo.

“Into eyenza ngibhale kanje, umhleli kubone kusasele amaviki [ukuthi kunezinkinga]. bekumele abuye kithi athi madoda kunezinkinga bengicela niye kubantu nibatshele ukuthi umcimbi ususukile kulendawo usulaphana, aphinde achaze uma enezinkinga kubaxhasi bengakakhokhi.

“Singabantu besomuzwa ayi ukuthi athule nje aqhamuke esethi sekujikile, nakhona akasitsheli sibona ku-social media. Kwamali esavumelana ngayo ayikho kodwa kade sicela abantu bathenge amathikithi nx.. akwenziwa kanye”, kusho uNjoko.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.