Akasondele kumaciko ungqongqoshe McKenzie, angagagameli
Kubona bonke labo ngqongqoshe bakahulumeni wokubambisana (Government of National Unity – GNU), uGayton McKenzie nguyena osematheni.
Ngendlela enza ngayo ubonakala ezoba yintandokazi kwabezindaba. Angithi phela usinikeza i-content cishe ihora nehora, futhi ukhuluma lezinto esifuna ukuzizwa.
Akhona namaciko ajabulayo ngomsebenzi wakhe kodwa iningi lawo lisamfunda, lisambhekisisa ukuthi unyathela kanjani.
Kulesi sikhashana engenile wenze izethembiso eziningi waze wanikela ngisho nangomholo wakhe.
Kuyimanje ukhipha ama-list anamagama amaciko nezinkampani ezathola uxhaso lwemali ngesikhathi kuhlasele i-Covid 19.
Iyodwa inkinga ngala ma-list, yile yokuthi madala, ayaziwa vele.
La ma-list akhishwe ngesikhathi sikangqongqoshe uNathi Mthethwa, nakhu kuvalwe izwe.
Phezu kwalokho alikho iphutha elenziwe ngamaciko ngokuthola lolu uxhaso.
Le ndaba yokuthi kunabantu nezinkampani ezingekho ngisho kulo mkhakha wezamaciko ezathola uxhaso lwemali yinto endala eyaziwayo.
Leli gidigidi elikhona angilazi ngempela ukuthi libangwa yini.
Empeleni bekumele ngabe uMcKenzie ukhuluma indaba ye-forensic investigation hayi indaba yokusinika ama-list amadala.
Mina bengilindele ukubona ama-list aqhamuka kuzona zonke izifundazwe nakuwona umnyango wezemidlalo namaciko.
Emasontweni edlule, ingekaqali yonke le nxushunxushu ngithe kunabantu abenza imicimbi minyaka yonke futhi labo bantu bahlezi bethola uxhaso ezifundazweni zabo.
Abanye sebeyenze iminyaka engaphezu kwelishumi nabo bayazi ukuthi imali bazoyithola kuhulumeni.
Yilawo ke ama-list esiwabhekile ngoba yiwona aveza ama-mafia kulo mkhakha.
Akukwazi ukuthi umcimbi womuntu othile ungaxhaswa kuze kuphele iminyaka emihlanu ukuya kweyishumi. Akuselona uxhaso lolo kodwa ubugebengu.
Uvalo enginalo ngoMcKenzie ukuthi, kuwona wonke lo msebenzi omuhle awenzayo akaxhumani nabanikazi be-industry.
Ngiyazibona impela izincwadi nemiyalezo, bayambhalela ngapha nangapha futhi abanye uyabaphendula kodwa akasondeli kubona.
Ngiyazi kusekusha futhi ngeke ahlangane nabo bonke, kodwa kuzothanda ukuba yingozi nakuye uma ezokhulumela kude. Lokho kungamdalela namazinyo abushelelezi.
Kuyimanje usethole ukugxekwa ngendaba kaMakhadzi.
Kahle-hle alikho iphutha alenzile ngokuveza ukuthi umnyango ubumqasha futhi umkhokhela lo mculi.
Ngisho kanjena ngoba bekunemibuzo ethi uMakhadzi uye kanjani komashonisa ekubeni umnyango ukhona, ubengaxhaswa ngani. Le mibuzo ibiyidinga impendulo.
Kodwa ngenxa yokuthi akukho ukuxhumana kahle kugcine kunguMckenzie othola ukugxekwa.
UMcKenzie akakufihlanga ukuthi uzazela ezemidlalo, uthe akazi lutho ngomkhakha wezamaciko kodwa uzimisele ukufunda.
Kuyomsiza ke ukusheshe asondele kuwona amaciko ukuze kuhanjiswane.
*UZama Nteyi uyintatheli ezimele, ungamlandela ekhasini lakhe lika-Facebook [Zamanteyi Nteyi]