Usolwa ngokukhokhelwa R55k, wangafika emcimbini ayeqashwe kuwona uMakhadzi
Useveze ichilo umhleli wemicimbi yomculo weXitsonga odume ngokuthi uPhilani ukuthi uMakhadzi udatshukelwa ngokuyelekelewa umnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko ngesikhathi eya kuma-BET Awards naye akamsulwa. UPhilani ebhale ekhasini lika-Facebook egxeka uMakhadzi onqobe indondo emkhakheni we-Viewer’s Choice: Best International Act.
Ngokusho kukaPhilani, uMakhadzi wakhokhelwa imali engu-R55 000 ngo-2022 ukuze anandise emcimbini owawuhlelwe uPhilani kodwa wangafika futhi wangayibuyisa imali.
Ngesikhathi abantu abaningi bezwelana naye ngokuyekelelwa umnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko aze aboleke imali kumashonisa, uPhilani kazange akhombise ukuba nozwelo. Kunalokho ubhale ukuthi: Ïndlovukazi yaseVenda ayiyekelwe kimina, engikwaziyo ukuthi usithatha kancane thina bantu baseTsonga bese ecasha ngobuzwe”.
Mayechaza uPhilani uthi baba abokuqala ukuqasha uMakhadzi ngempelasonto yokuqala yentwasahlobo, samkhokhela imali yesibambiso ngaleso sikhathi khona lapho emzini wakhe ose-Fourways.
“Imali eyayisele samnika kusasele izinsuku eziyishumi kufike usukua lo mcimbi. Saqala ukubona ukuthi kunenkinga ngesikhathi engasaxhumani nathi, futhi engasaphenduli izingcingo zethu nakuba umcimbi wase usondele. Kwabe sekuvela ukuthi umcimbi wethu uqondene nomunye umcimbi wakhe owawuzoba seBotswana, wabe esesilaxaza kanjalo.
“Kwathi ngehora lesikhombisa kusihlwa ngelanga lo mcimbi mhlaka-3 Mandulo 2022, wasifonela esitshela ukuthi ukomunye umcimbi oseMidrand kodwa uzofika kowethu ngehora lesishiyagalombili ngaphambi kokuthi ahambe. Kazange afike njengesethembiso sakhe, washiya amaTsonga ephoxekile.
“Saphinde sazama ukuhlangana naye komunye umcimbi wakhe, kwavunyelwana ukuthi asimxolele futhi sikhohlwe ilento ngoba uzonandisa emcimbini wethu olandelayo ukuze kubuye imali yethu”, kusho uPhilani,
Uthe nakuba esenikwe lelo thuba kodwa kazange afike futhi njengoba nomphathi wakhe uMaphuthi wabafuna itshe lemali ngaphezu kwale abase beyikhokhile.
“Abameli bethu bagcine sebethumela kuye amaphepha amphoqa ukuth akhokhe imali yethu. Wabe eseqala efuna ukunikwa i-invoice ukuze akhokhe imali yethu engu-R55 000. Wanikwa i-invoice kodwa nalapho wangayikhokha futhi imali kuze kube manje”, kulandisa uPhilani.
Ebuya kuma-BET Awards, uMakhadzi uveze ukuthi uphoqeleke ukuthi aboleke imali kumashonisa ukuze akwazi ukufika kulo mcimbi wezindondo. Okunye akushilo ukuthi kufanele akhokhele i-SARS ingxenye yemali ayitholayo njalo nje okumenza asale engenamali.