EZISEMATHENIIzindaba

UNgizwe Mchunu uxolisile kumengameli we-EFF

Unontandakubukwa owayewumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu usexolisile kumengameli we-EFF, uMnuz. Julius Malema ngokushiya angalazi kuye ngesikhathi kuqhubeka imikhakhanso yokhetho lukahulumeni kazwelonke nolwezifundazwe. UNgizwe ozibiza ngeNkosi yAmabhinca wathi kulo mholi weqembu elaqanjwa Isilo esesakhothama ngokuthi Izitoyitoyi, akangezi ukuzokhankasa esifundazweni sakwaZulu-Natali ngoba kuphethe yena [uMchunu].

Ngesikhathi ekhuluma kanje uNgizwe iqembu likaMalema lalizoba nomgubho wokwethula izethembiso zalo zokhetho ngoNhlolanja 2024.

UNgizwe wathi uMalema kumele athole imvume kuyena uma efuna ukwenza umkhankaso weqembu lakhe KwaZulu-Natal, esho khona ukuthi abantu abangamaZulu bangaphansi kwakhe njengomengameli wAmabhinca.

Ekhuluma wenze inkulumo bukhoma ngoMsombuluko ekhasini lakhe lika-Facebook exolisa kuMalema. “Ngiyathinteka kakhulu uma ngikhuluma ngoMalema. Kulesi zukulwane sethu akekho umholi wepolitiki ofana naye. Kuningi asekwenzile, okuhle nokubi. Uphinde wakhohliswa abantu, okwenze ubudlelwane bethu baba bubi. Ngigcine ngilahlekelwa uxhaso lwemoto, ngaba isidwa. Ngigcine sengizama ukuzivikela ngakho konke enginakho”, kusho uNgizwe.

Uthe uhlela ukuba nomhlangano azoxoxa kuwo noMalema ukuze bebhunge ngalolu daba. “Njengabantu abamnyama kufanele sibuyisane uma besixabene, kube nesifundo esisitholayo”, kusho uNgziwe.

Ukugcizelele ukuthi akacwasi ngokobuzwe yena kodwa uyaziqhenya ngokuba umZulu.

Uphinde waxolisa ezisweni sAmabhinca ngokusiphoxa ngesikhathi ekhankasela i-ANC ngemikhankaso eyenziwe ngaphambi kokhetho.

“Kulabo engibaphoxile ngokuziphatha ngezinqumo zami, ngiyaxolisa. Kube iphutha ukuthi ngiziveze ukuthi ngeseka liphi iqembu ngoba ngiwumholi wawo wonke umuntu, abantu bayangethemba futhi angisiyena upoilitiki”, kusho yena.

Kuzokhumbuleka ukuthi isitolo sezimoto i-JAC Motors Portsheston siphuce uNgizwe imoto esasimxhase ngayo emuva kokuba uMalema esibhalele ngokuziphatha kukaNgizwe okunokucwasa ngokobuzwe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.