Owayeshade noSomizi waxephula R75 000 kuhulumeni
Uhlu lwabahlomule ngesikhathi kuhlasele i-Covid 19 kuleli, olukhishwe umnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko ngoLwesithathu luveza ukuthi uMohale Motaung owayaseshade noSomizi Mhlongo wahlomula ngemali engu-R75 000. Kulolu hlu kuvela ukuthi uMohale wahlomula ngemali efanayo neyatholwa owayengumphathi wakhe u-Neo Nqwakuza.
Ukuvezwa kwalolu hlu kwenziwe emuva kokuba ungqongqoshe womnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko, uMnuz. Gayton McKenzie eyalele abasebenzi balomnyango ukuthi beveze obala onke amaciko nabantu abahlomula kulo mnyango. Le mali beyihlinzekwa umnyango kumaciko ngesikhathi abantu bengavunyelwe ukuhlela imicimbi nokwenza eminye imisebenzi ebahlanganisa nabantu. Amaciko abefaka izicelo bese zibhekwa umnyango ukuthi abazifakile kubafanele yini ukuhlomula.
UMohale wafaka isicelo ngenkampani yakhe i-Glam Troupe ehlela imicimbi yokuphela konyaka kamatikuletsheni, kwase kuthi uNqwakuza yena wasifaka ngeyakhe ephethe uMohale, i-All in Management.
Abanye abahlomula imali engu-R75 000 kulo mnyango yinkampani i-Duke Assignments ka-Aluwani Duke Nethononda, eyenzela izinkampani inhlolakhono iphinde iqashele izinkampani indawo. UPfundzo McGyver Mukwevho we-M2N Services CC okusolwa ukuthi eka-Mac G wodumo lwe-Podcast and Chill with Mac G, yathola u-R75 000, nabanye abaningi.
Abanye okuthusile ukubonakala kwabo kulolu hlu u-Athur Mafokate nendodana yakhe u-Athur Junior Mafokate, bona abahlomule ngo-R20 000 umuntu emunye. Okususe umsindo ukuthi indodana ka-Athur abaningi akukho abayazela emkhakheni wezobuciko.
Akuqondakali ukuthi umnyango wawusebenzisa luphi ukuhlonza inani okumele litholwe amaciko njengoba lemali beyiphuma kusukela ku-R2000 kuya ku-R75 000. Abaningi abahlomulile abebethola u-R10 000 no R20 000. Ngokwalolu hlu bayikhulu namashumi ayisithupha nesithupha (166) abantu abahlomule imali engu-R53 000 bese beba isishiyagalombili (8) abahlomule ngo-R75 000.
Kule mali abekho abezemidlalo abahlomulile.