Izindaba

I-McDonald’s SA iqhubeka nomkhankaso wayo i- “Know Our Food”

Namuhla i-McDonald’s South Africa kanye nesebenzisana nabo bagcizelela uhambo lwabo olusobala oluhlose ukufundisa amakhasimende ayo ngezinga kanye nesizinda esiwumthombo wayo wokudla.

Amakhasimende anamuhla anentshisekelo yokuthola ukuthi ukudla akudlayo kuvelaphi, kunongwe ngani futhi kuhlanganiswe kanjani.
Le mibuzo iyaphenduleka uma konke lokhu kudla bezenzela bona emakhaya kodwa ayiphenduleki uma bengazenzeli.
Ukwazi ngokudla kuyaqhubeka nokuba nomthelela onesisindo kwimakethe kumakhasimende asukile ekuthandeni ukudla okubukisa ngobuhle, kodwa agxila ekuthengeni ngokucophelela.

Lo mkhuba osukhulise injula kubantu uma kuziwa ekutheni ukudla kuvelaphi usho ukuthi amakhasimende aseyazihlupha ngemigudu elandeliwe ekwenzeni ukudla akudlayo.

Amaseko afana nokongiwa, umthombo, ezolimo, ubuchwepheshe, ukupakishwa kanye nemvelaphi yezithako kuyaqhubeka nokuba injula futhi kube nomthelela ekutheni amakhasimende akuthenga kuphi ukudla akudlayo.
“Siyazikhathalela izidingo zamakhasimende ethu. Kuya ngokukhula, amakhasimende aseyakuqaphela ukudla akudlayo.
“Asefuna konke kube sobala futhi kube nemininingwane eminingi ukuze athathe izinqumo esenolwazi ngokudla.
“Ngalo mkhankaso i-Know Our Food sifisa ukubonisa ukuziqhenya ngokudla esikuhlizeka wona”, kusho u-Daniel Padiachy oyi-Chief Marketing Officer e-McDonald’s South Africa.

“Esikubeke phambili kakhulu ukuhlinzeka amakhasimende ethu ngokunambitheka okuzoyizayo, kokudla okusezingeni.
“Siyakholelwa ekuhlinzekeni ukudla ngendlela ehambisana nezithako zezinga eliphezulu, ukuthola inyama yenkomo, eyenkukhu kanye nezitshalo ezisanda kuvunwa ezivela kubalimi abalandela ubuqotho bezolimo njengathi”, kuqhubeka u-Padiachy.
I-McDonald’s SA ithola, yonge iphinde ibambisane nabalingani nabathumeli abahambisana nobuqotho obufana nobayo, ibe yeseka imisebenzi, nezinyathelo ezimiselwe ukufaka isandla ekwakheni uhlelo lokudla oluthuthukayo, noluthembekile.

Lapha ngabanye abathumeli abangabalingani bethu:

• Inyama yethu yenkomo siyithola kubalimi abasebenza ngenyama base baseNingizimu Afrika, abanjenge-Fouries, abahleli emgomeni wokulima ngobuqotho kanye nokuthembeka.
• Abe-Remetses ibona abasihlinzeka ngenyama yenkukhu, basinika inyama yenkukhu yezinga eliphezulu esenza ngayo isidlo senyama yenkukhu ethandwayo yakwa-McDonald’s.
• Silithathela phezulu i-coffee lethu – kusukela lapho silithola khona kuya endleleni esilivubela ngayo. Ingakho iconsi neconsi le-McCafe coffee lenziwa ngobhontshisi ongamaphesenti angu-100% ovunwe e-Arabica, utshalwe emapulazini e-Rainforest Alliance Certied.

I-“Know Our Food” imele ukuzibophezelela okuqhubekayo bokwenza izinto obala nokunelisa amakhasimende, sifuna amakhasimende ethu akuthembe ukudla akuthenga e-McDonald’s, ngoba azi ukuthi sibeke phambili izinga, ukudla okuphephile, senza izinto obala futhi siyacophelela ukuthi sikutholaphi ukudla”, kuphetha u-Padiachy.

Ukuze ufunde kabanzi ngomkhankaso we-McDonalds “Know Our Food”, ngena ku: www.knowourfood.co.za

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.