Unikele Ngomholo Wakhe Wonke Kumaciko Ungqongqoshe Wezemidlalo
Usefingqe imikhono uyasebenza ungqongqoshe wezemidlalo kuleli, uMnuz. Gayton McKenzie osanda kuqokwa kwi-cabinet kahulumeni wakuleli. Lo ngqongqoshe obonakala enomdlandla uthembise ukuthi uzonikela ngomholo wakhe wonke kumaciko asebenzela eKagiso Gallery e-West Rand eGoli.
UMnuz. Mckenzie usho lokhu emuva kokuzwa ngosizi lamaciko aluthwele. Uthe kumthinte ukuthi ukuzwa ngabasebenzi bomyango wakhe izinselelo ezibhekene nalamaciko aseKagiso. “Angikholwanga ukuthi bakwazi ukugcina le ndawo isebenza yize bebhekene nezingqinamba ezingaka.
“Omunye wezintokazi ungitshele ukuthi kwezinye izikhathi banokuthatha noma imalini abanikwa yona ngomsebenzi wabo ngenxa yokuwesela imali yokugibela amatekisi uma behamele ezimakethe ezihlukene. Ngezwa lokhu ngafikelwa umunyu”, kusho uMnuz. McKenzie.
Uthe umholo azonikela ngawo uzohlukaniselwa amaciko amathathu abheke ukusebenza kwaleya ndawo. “Lama ciko abenganakiwe yize kunenqwaba yentsha ekhula ngaphansi kwawo futhi enza umsebenzi omuhle ukuyiqoqa emgwaqweni”, kusho yena.

Isithombe: UMnuz. Gayton McKenzie ebuka eminye yemidwebo eseKagiso Gallery
“Kule-gallery engeyesibili kulo mphakathi kufika izingane kusukela eminyakeni emine zizofunda ngobuciko obehlukene kuhlanganisa nemidwebo ependwayo. Ngihlalile nabo, ngalalela izinselelo ababhekene nazo, ngilinde nokuthi imali ebiwumholo wami ingene kuma-accounts abo ngokuhlukana. Bathokozile, bafikelwa zinyembezi ngengibenzele khona”, kusho uMnuz. McKenzie.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule ungqongqoshe wezemidalo umemezele ukuthi uzonikela umholo wonke wonyaka ongaphezu kuka-R2 million enhlanganweni i-Joshlin Smith Foundation ebhekene nomsebenzi wokugcina izingane ezilahlekile. “Abameli basemaphethelweni okuyibhalisa ngokusemthethweni njenge-foundation”, kusho yena.