UMakhadzi Uzobonga Abalandeli Bakhe Ngedili
Umculi waseLimpopo osanda kuhlabana ngendondo ye-Viewer’s Choice: Best International Act kuma-BET Awards, uMakhadzi usememezele ukuthi uzokwenza idili lo mcimbi i-One Woman Show ngomhlaka-21 Zibandlela. Lo mcimbi uqondene nosuku lokuzalwa kwakhe uMakhadzi futhi akungatshazwa ukuthi uyithuba elikahle lokugubha nabalandeli bakhe impumelelo yakhe nokumeseka yonke leminyaka.
“Ngizifisela usuku oluhle lokuzalwa. Asihlangane e-Peter Mokaba Stadium. 21 Zibandlela. Uhlu lwabazonandisa luyalandela.. Ngiyazithoba ukuba nithenge amathikithi”, kusho uMakhadzi.
UMakhadzi udume ngokuzinikela e-stage uma enandisa okushiya njalo abantu befuna impinda futhi kulindeleke ukuthi aqhubeke lapho njengoba ehambela phezulu emuva kokunqoba indondo kuma-BET Awards.
Akuqali ukuthi enze umcimbi awubiza nge-One Woman Show njengoba eke wawenza waba impumelelo ngakubo eLimpopo. Nakhona lapho washiya abantu besamfuna e-stage ngemidanso yakhe adume ngayo.
Abantu abaningi bathokozile bezwa ukuthi uzokwenza lo mcimbi.
Ku-X, @Monchu052 uwuthakasele umsebenzi kaMakhadzi wathembisa ukuthi uzoba khona noma kanjani emcimbini. “Sawubona @MakhadziSA. Buka ngibale. Ngizofika nethimba lami lapho. Siyakuthanda #HappyBirthdayMakhadzi”.
Omunye oku-X, @reamkeng_said uthe noma kanjani uzoba khona kulo mcimbi. “Umcimbi kaMakhadzi i-One Woman Show ilapho engizoba khona”.
Ku-Instagram, u @anastasimokgobu ukuqinisekisile ukuthi uzoba ingxenye yomcimbi. “Noma kanjani sizofika”