Izindaba

Owodumo Lwengoma “Umqombothi” Ukhala Ngokurojwa U-Chicco Thwala

Inkakha yomculi we-afropop kuleli, u-Yvonne Chaka Chaka usezwakalise ukungathokozi kwakhe iminyaka ngokuvalelwa ngaphandle angabhalwa njengombhali wengoma ethi Umqombothi eyaduma kakhulu yize kunezinhlamvu azifaka kuyona. Lokhu uChaka Chaka odume ngelika-‘Queen of Africa’ ubekusho ohlelweni lwesiteshi sikamabonakude i-Newzroom Afrika.

Lo mculi ohambe inqwaba yamazwe ngalengoma uthi akaze athole ngisho elimnyama isenti emalini yama-royalties njengoba kanamagama awafaka engomeni athi ‘Nawu, Nawu, Madoda’ nelithi ‘Everybody’.

Ingoma ethi Umqombothi ikwi-album kaChaka Chaka ethi Thank you Mr DJ ayikhipha ngo-1987, eyaqanjwa uSello ‘Chicco’ Twala no Attie van Wyk ongumdidiyeli wezingoma.

Ekhuluma ne-Newzroom Afrika, uChaka Chaka uthe akaze athole lutho ngegama ‘Everybody’ alengenza kule ngoma. Uthe uChicco wamrobha ngokungamfaki njengombhali walengoma. Kule album kubhalwe uChicco Thwala no Attie van Wyk njengababhali bengoma.

Umqombothi wabhalwa uChicco kodwa kunezinto engazengenza kuyona. Ngangeza amagama athi ‘Nawu, Nawu, Madoda’ nelithi ‘Everybody’. Angikaze ngithole ngisho isenti ngalowo msebenzi. Abazange balifake igama lami, futhi ngangisemncane ngalesa sikhathi, izinto eziningi ngomculo ngingakazazi.

“Okokuqala ngikhuluma ngalokhu”, kusho uChaka Chaka.

Uthe akakaze akhulume noChicco ngalezinsolo. “Umqombothi wangibeka lapho engikhona manje, kodwa kungiphatha ukuthi angizange ngibhalwe njengomuntu owabamba iqhaza ekubhaleni ingoma”, kusho yena.

Kuxhunywana noChicco ngalezi nsolo uthe uChaka Chaka wathola izigidi zemali ngamakhonsathi ayewenza bukhoma nezwe lonke liyakwazi lokho, uma kungenjalo umhlaba uyazi. Mina no-Attie njengababhali bengoma asizange sithole ngisho ingxenye yemali eyatholwa uyena. Abanandisayo bathola imali engu-90% kunoma iyiphi ingoma abayenzayo.

UChaka Chaka uzohlonishwa emcimbini wezindondo i-2024 Legends and Legacy All Africa Music Awards lapho ezonandisa khona nabanye abaculi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.