EZIKAMABONAKUDEIzindaba

Abaholile Abalingisi Abadumile Bomdlalo Okhiqizwa Inkakha

Kuze kube manje abakhokhelwe imiholo kaNhlangulana abalingisi bomdlalo i-Queendom ekhiqizwa i-Clive Morris Production yenkakha emidlalweni kamabonakude, u-Clive Morris. Lokhu kwenzeka nakuba u-Morris ebathembise ukuthi imiholo yabo bazoyithola maduze laba balingisi.

I-Queendom umdlalo omusha oyi-drama oboniswa esiteshini i-BET TV ku-DStv ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngokugamanxa kwehora lesithupha (18:30) kushihlwa.

Abalingisi abaqavile ababonakala kulo mdlalo oSindi Dlathu oke wadlala kuMuvhango ne The River, u-Dawn Thandeka King obelingisa kuZalo, u-Pallace Dladla noLinda Mtoba.

Kuthiwa u-Morries ubathumele umyalezo we-Whatsapp abalingisi ebaqinisekisa ukuthi imiholo yabo bazoyithola. “Ngiyaqonda ukuthi wonke umuntu udiniwe futhi kufanele. Sinenzele phansi, noma ngabe isiphi isizathu esiholele kulokhu asisizi ngalutho ukulungisa isimo nokwenza isimo senu sibe ngcono.

“Ngiyakwamukela ukugxekwa engikutholayo, Engingakusho ukuthi asihleli nje phezu kwemali sase sinquma ukuthi singaniniki. Sisebenza kanzima ukuthola imali yokunikhokhela”, kusho u-Morris.

Lo mdlalo usadlale izinyanga ezintathu kuphela njengoba usunezinkinga zezimali. Kanti kuthiwa akukhona okokuqala ukuthi abadlali bawo bebhekane nalenkinga yokukhokhelwa sekwedlule isikhathi.

Echaza u-Morris uthe lo mdlalo okwamanje awunayo imali yokukhokhela abalingisi bawo kodwa ucela ukunikwa isikhathi sokuyihlanganisa.

“Naphambilini sike sanganikhokhela ngesikhathi ngezizathu ezahlukene ebezingaphezu kwamandla ethu kodwa asikaze singakhokheli muntu. Wonke umuntu uzokhokhelwa kodwa sicela nisiphe isikhashana sithi ukuhlanganisa imali”, kuphetha u-Morris.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.