Uphele Ngokusemthethweni Umshado Ka-Matthew Booth Nomkakhe
Sewufike esiphethweni umshado wowayeyisiqongqwane somdlali wasemuva u-Matthew Booth nomkakhe u-Sonia Booth. Lesehlukaniso esikhishwe inkantolo i-Johannesburg High Court ngoLwesihlanu senzeke emuva kwesikhathi eside kunomshudulwisano wasezinkantolo.
Kuthiwa laba bazohlukaniselana u-50% wezimpahla abanazo futhi akukho mali yesondlo ezokhishwa u-Matthew njengoba watshela inkantolo ukuthi akanamali, useyazihluphekela.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2022, u-Matthew uke waba undabamlonyeni ngesikhathi kunezinsolo zokuthi ujola nonkosikazi womuntu uBongani Mthombeni-Moller. Lezi nsolo zavezwa unkosikazi wakhe owathi ubambe umyeni wakhe ebhaka ikhekhe phakathi kwamabili, okwathi ngokuhamba kwesikhathi wathola ukuthi beliyisipho seshende lakhe elishadile.
Nokho u-Matthew ubeziphika lezinsolo zomkakhe kwaze kwaba ngonyaka odlule lapho laba bese befaka izithombe zabo ezinkundleni zokuxhumana bejabule ndawonye futhi bese bebonakala behambela imicimbi ndawonye.
U-Sonia ekhuluma nabezindaba uthe ubesekhathele imikhuba ka-Matthew yokuqonywa ayiqala kudala. “Ngeke ngithi iyangithusa lento eyenzekayo ngoba kade aqala ukuyenza yokuqonywa. Ubemandla ngabo-2012 ngesikhathi esahlala endlini ese-Cape Town esadlalela i-Ajax Cape Town.
Ukuqinisekisile ukuthi sekuphelile ngomshado wabo no-Matthew. “Sengizophila enye impilo, inhle futhi”, kusho yena. Ebuzwa ukuthi akanaye yini umuntu asemtholile ahlekisana naye uthe: “Ngizothatha isikhathi sami, ngimatasa kakhulu nokuphusha ibhizinisi lami le-Cheesecake”.
Uthe okwamanje ngeke asishintshe isibongo sakhe futhi uzothola ukweluleka abazali bakhe bakamoya ukuthi enze njani.
Umthombo osondelene nalaba uthe u-Matthew akachithanga sikhathi, emuva kokuqedelwa kwamaphepha esehlukaniso uphuthume waya esikhumulweni sezindiza ukuyohlangana noBongani nezingane zakhe. Laba bebenohambo oluya eBotswana emdlalweni webhola i-Clash of the Legends