EzosaziwayoIzindaba

Uchithi Saka Wemicimbi Nemfashini Ngempelasonto Ye-Durban July

Umculi we-pop kuleli u-Kelly Khumalo ungomunye wosaziwayo abebeseThekwini futhi ojabulise izinkumbi zabantu emcimbini obuse-Tiger’s Milk Pavilion, obuyingxenye yebithe chithi ngempelasonto ye-Hollywoodbets Durban July. Kulo mcimbi u-Kelly ubekanye nodadewabo uZandile.

Isithombe: U-Kelly Khumalo enandisa emcimbini obuse-Tiger’s Milk Pavillion

Abanye osaziwayo abebekulo mcimbi umsakazi woKhozi FM, u-Zeal Dladla, DJ Pru no Luv Owethu.

Umhleli wawo uLehlohonolo Silela uthe impelasonto ye-Durban July ibonise ukuba semgangathweni nokuhluka kweTheku uma kuziwa kwezikaqedisizungu, nokushiya abantu nezinkumbulo ezingapheli.

“I-Tiger’s Milk Pavilion iyindawo eyigugu lapha eThekwini, eseyibeke eqhulwini lezindawo zenjabulo kuleli dolobha. Uhlu lwabaculi abadumile abebezonandisa, ukuhleleka komcimbi nokukhula kwendawo kuhlinzeka ubumnandi obuthokozelekayo”, kusho uSilela.

I-theme ye-Durban July kulo nyaka ibithi ‘Ride the Wave‘, kanti osaziwayo nezinye izicukuthwane ebezihambele lomcimbi bezikhiphe unyawo.

Isithombe: U-Lamiezy Holworthy, Pamela Mtanga, Kgomotso Ndungane noThando Thabethe

Abanye osaziwayo ababonakale bedle imiswenko kanokusho enkundleni yokugijima amahhashi i-Greyville Racecourse oThando Thabethe obegqoke ingubo enombala oyisibhakabhaka ebiveza kahle amabele akhe amahle, Lamiez Holworthy, Pamela Mtanga noKgomotso Ndungane.

Isithombe: Sitholwe ezinkundleni zokuxhumana

Omunye obonakele eheha abantu ngengubo abeyigqokile umsakazo woKhozi FM owenza uhlelo lwantambama phakathi nesonto i-Woza nabangani bakho, u-Selbyonce Mkhize.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.