Asithembe Ukuthi Ngeke Bagcine Ngokuzakhela Bona Bodwa Amathuba Emisebenzi!
Ngesonto eledlule sibe ngofakazi sibona kufungiswa amalungu ekhabhinethi elisha ngaphansi ngombuso wokubusa ngokubambisana (Government of National Unity – GNU). Okungiphathe kabi kakhulu ububona kukhula isibalo songqongqoshe kanye namasekela abo. Kodwa-ke le into ebibonakala ukuthi izokwenzeka kwazise okaRamaphosa bekufanele ajabulise bonke abayingxenye yalo hulumeni wobambiswano.
Kumangazile ukubona izinhlangano eziphikisayo sezinqunywe umlomo nangaphezu kokuba ezinye zazo zazibugxeka ubukhulu bekhabhinethi elisanda kuhlakazwa zingakabi ingxenye ye-GNU. I-Democratic Alliance ingezinye zalezo zinhlangano ezaphumela obala zagxeka ubukhulu bekhabhinethi elidala zisho nokusho ukuthi uRamaphosa kufanele enze okuthile ukulinciphisa. Uma ngingaphosisi ngisho kumanifesto yayo i-DA yayiqhakambisa ukuthi into yokuqala ezoyenza kuzoba ukwehlisa isibalo songqongqoshe.
Kubukeka seligaya ngomunye umhlathi manje kwazise nazo lezi zinhlangano eziphikisayo zihlomulile kulokhu kukhuliswa kwekhabhinethi. Eqinisweni nje, lena indlela abazakhela ngayo amathuba emisebenzi labo sopolitiki. Asikho nakancane isidingo sokuthi kube khona iminyango enamasekela amabili.
Engikufisayo ukuthi umengameli wezwe angagcini nje ngokucabangela izidingo zabo bengosopolitiki. Kufanele aphinde akhumbule ukuthi izwe aliholayo linesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi. Iningi lalabo bantu intsha yakuleli enye yayo efunde yaze yagogoda emikhakheni eyehlukene kodwa dololo imisebenzi.
Okufanele sizibuze kona ukuthi isizoqhamuka kuphi le mali yokuholela bonke labo ngqongqoshe namasekela abo. Yini le esiyenza ukuthi kube lula ukuthi itholakale imali ngoba nakhu sekufanele kufezeke izidingo zosopolitiki. Masizibuze futhi ukuthi kwenziwa yini kuthiwe iNingizimu Afrika ayinamali uma kufanele yenze okudingwa umphakathi?
Okwakuleli cha akufani ngempela nokwakwezinye izindawo!
*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli i-Wits University