Ucwaningo Luveza Ukukhula Kwethemba Kwabakuleli Nge-GNU
NguSandile Khumalo
Ucwaningo seluveze ukuthi izakhamizi zakuleli zibonise ukunyukelwa ithemba ngohulumeni wobambiswano osanda kumenyezelwa. Lolu cwaningo olwenziwe enyuvesi yase-Johannesburg ngabe-Gross National Happiness index lubonisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika babonakala bejabulile ngokwethulwa kwe-Government of National Unity – GNU.
Ngokwesitatimende esikhishwe yile Nyuvesi, izibalo zokukhula kwethemba kanye nenjabulo kubantu zaqala ukwenyuka kusukela kwethulwa ngokusemthethweni imiphumela yokhetho ngoNhlangulana.
Lolu cwaningo lwenziwe ngokuthi kusetshenziswe inkomba (index) ukubheka amagama asetshenziswe ku-Google. Noma kunjalo, lolu cwaningo luphinde lwaveza futhi ukuthi zikhona izinkathi ebezikhombisa ukwethuka kubantu.
Ngokusho kukaSolwazi Talita Greyling wakuyo le Nyuvesi, amagama afana ‘nethemba,’ ‘injabulo’ kanye nelithi ‘ithemba’ asetshenziswe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana emataniswa nalo lolu hlelo lukahulumeni wokubusa ngokubambisana.
Uphinde wakubalula futhi ukuthi ukukhula kwethemba kanye nokwesaba okuvezwe ngokusebenzisa la magama abalulwe ngenhla bekuvele kulindelekile kwazise kukhombisa inkulumo-mpikiswano ebekhona ngaphambi kokubekwa kwekhabhinethi elisha.
Akukona okokuqala lolu hlobo locwaningo lusetshenziswa kwazise lwathulwa ngokusemthethweni ngoMbasa onyakeni wezi-2019. Luke lwasetshenziswa nangonyaka wezi-2022 ukuveza ukungenami kanye nokusaba okwakukhona kubantu bakuleli mayelana nenkinga yokucishwa kukagesi (load shedding)