Impumelelo KaMakhadzi Ayibuyise Ithemba Nakwabanye
Ngathi izinsuku seziyashesha manje. Zolo lokhu bengibhala lengosi, namuhla sengiyabhala futhi. Kusho ukuthi nonyaka maduze sizobe sesiwugoqa. Uma umuntu engakazenzi izinto abehlele ukuzenza unyaka usaqala makazi ukuthi usehanjelwe isikhathi.
Ake ngingene kuzo izindaba. Namuhla ngiqala ngodaba lo mculi wakuleli uNdivhudzannyi Ralivhona odume ngelikaMakhadzi, olubuyisa ithemba ekutheni impilo ingakubeka nomaphi futhi ikuhlanganise nabantu abakhulu, inqobo uma ukholelwa kokwenzayo. Kuleli viki esiphuma kulona bekujatshulelwa lomculi waseLimpopo ocula i-pop ngokunqoba indondo emkhakheni we-Viewer’s Choice: Best International Act kuma-BET Awards.
Lokhu kujabulise abantu abaningi, kakhulu umndeni wakhe kanye nabangakubo ababonakale bemhlangabeza esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ngoLwesithathu ekuseni, ubona nje ukuthi bajabule.
Uma echaza uMakhadzi ukuthi uqale enandisa ema-tarven angakubo, akukholakali uma ubona ibanga aselihambile manje nempumelelo yakhe. Ziningi izinselelo adlule kuzona, nabantu ezinkundleni zokuxhumana bekhuluma konke abakuthandayo ngaye obekungamqeda umdlandla kodwa konke lokho akumvimbanga ukuthi aqhubeke nento akholelwa kuyona. Lokhu kuthumela umyalezo nakwabanye abantu abazama izinto ezithile empilweni ukuthi bengalilahli ithemba beqhubeke bezame ngoba ngelinye ilanga kolunga.
Mina ngingasho kugcwale ukuthi leli viki kimi kube elokuvuseleleka ngoba nakuba zikhona izehlo ezimbi ezenzekile ezweni kodwa kunezindaba ezingishiye ngivuselelekile kakhulu.
Uzokhumbula ukuthi uculi we-Hiphop u-Cassper Nyovest uke wamemezela ukuthi usekhetha iNkosi. Ngempelasonto edlule ubeshumayela okokuqala ebandleni i-Christian Family Church lapho eshiye izinkumbi zabantu zivuselelekile ngentshumayelo yakhe ebigxile ekuyaleni abantu abasha ngesinengiso sokungena ezidakamizweni nomphumela wazo. Kuningi akhulume ngakho lo mculi ozwakala ngisho ekhuluma ukuthi useshintshe ngempela.
U-Cassper ukhulume nangempilo yakhe engakamamukeli uNkulunkulu nokuthi isishintshe kanjani jengoba isikhokhelwa nguye.
Kujabulisile ukubona umdlali we-Orlando Pirates osemncane uRelebohile Mofokeng ethenga imoto entsha sha, i-VW Polo GTI okuthiwe ibiza ngaphezu kuka-R550 000. Lo mfana ubonakala enekusasa eliqhakazile ebholeni lakuleli nelo mhlaba njengoba sekuzwakele ukuthi kuneqwaba yamaqembu amfunayo phesheya. Impumelelo yakhe kumele ibe isifundo nakwabanye abasadlala emazingeni aphansi ebhola. Akukho okudlula ukuzimisela kulokhu okwenzayo.
Okunye esingakuphawula ngalo mfana ukuthi wesekwa kakhuku abazali bakhe. Lokhu siye sikubone kakhulu emindenini yabamhlophe.
Ongoti bezokululeka bayakugcizelela ukuthi ukuthola ukwesekwa emndenini kwengane kunoma yini eyenzayo kuyenza ukuthi ivelele futhi ibe nokuzethemba.
Inhlangano ebhekene nokukhokhela abalimale ezingozini zomgwaqo kuleli sonto ikhiphe izinombolo ezishaqisayo ukuthi kubantu ebakhokhele izinxephezelo phakathi kweminyaka u-2021 kuya ku-2022, u-44% bekungabantu abasha besilisa. Le nhlangano ithi abesilisa abasebancane ibona ababandakanyeka kakhulu ezingozini zomgwaqo. Kule ntsha eba sezingozini zomgwaqo u-38% abasuke behamba ngezinyawo bese u-35% kube abasuke begitsheziwe ezimotweni.
Izibalo ezishaqisayo lezi. Le nhlangano ithe lezinombolo zenza kube nesidingo esiphuthumayo sokufundisa abantu abasebasha nabobonke abasebenzisa umgwaqo ukuthi beshintshe indlela abaziphatha ngayo emgwaqeni, bese bebeka phambili ukuphepha kwabo.
Kunodaba olungazibeki lo mfana wase-Kraaifonten e-Western Cape okusabalale i-video ezinkundleni zokuxhumana eshaya ugogo wakhe ngolabhabha wempama. Kube indabamlonyeni lena, wonke umuntu umangele ngoba emiphakathini yabamnyama umuntu omdala uyahlonishwa.
Nokho okumangaze kakhulu ngalolu daba ukuthi umndeni ubuyimboza lento, kwayena lo muntu omdala oshayiwe kuzwakale ukuthi uthe akangaboshwa umfana okuthiwe ngu-Luvo igama kakhe ngoba bazoyixoxa emndenini lento. Siyabonga nje ukuthi amaphoyisa agcine embophile lomzukulu ongasile, esizwe kuthiwa usegcinwe esibhedlela sasejele i-Pollsmor Prison Hospital emuva kokuzwakala kwezindaba zokuthi uke wazama ukuzibulala.
Ziningi izindaba esizibhalile kodwa okwanamuhla eke sime lapha, kuze kube ngokuzayo.
*Ungaxhumana nathi ku-Whatsapp [0640179872] noma ku-editor.umkhaya@gmail.com