Izindaba

USomizi Ufuna Ukuxhunyaniswa Nogogo Oshawe Umzukulu Ukuze Amsize

Unontandakubukwa ongumethuli wezinhlelo zikamabonakude nongumsakazi we-Metro FM, uSomizi Mhlongo usecele abalandeli bakhe ukuthi bemxhumanise nogogo okusabalale i-video eshawa umzukulu wakhe ngoLwesithathu. USomizi ufake i-video emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ecela abalandeli bakhe ukuthi bemtholele logogo.

NgoLwesine kusabalale i-video lapho umfana osemncane, uLuvo evela eshaya ugogo wakhe ngempama enzima emzini kagogo ose-Wallacedene e-Kraaifontein. Uyezwakala ugogo ethi: “Ungibulaleni Luvo? Ungibulalelani endlini yami? Ngibulale ngoba vele uthunyelwe lokho.”. Uphinde amshaye lomfana ugogo awe aguqe ngamadolo, kuchitheke nokudla abekuphethe ugogo.

Le-video ishiye abantu beshaqekile ngoba isenzo esifuze lesi asijwayelekile emiphakathini yabamnyama njengoba umuntu omdala ehlonishwa.

“Eish. umoya wami awukho kahle. Noma ubani owazi lapho okuvela khona logogo noma umama angithinte, ngifuna ukwazi. Ngicabanga ukuthi udinga ukululekwa, uhlukumezekile. Singazithatha kancane lezinto kodwa umuntu zimhlukumeza impilo yakhe yonke, ngokomphefumulo, ngokomqondo, nangokomoya.

“Ngicela nisize, udinga usizo, ngifuna ukusiza. Lo mfana kuzobhekwana naye. Ngicela nithole ugogo noma umama ukuthi ukuphi”, kusho uSomizi.

Amaphoyisa ase-Western Cape ambophile lo mfana oneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye (19).

Uphenyo lwamaphoyisa luthole ukuthi lesi gameko senzeke ngoNhlangulana emzini wakhe ugogo. Ngaleso sikhathi kunamalungu omndeni abiza amaphoyisa kodwa athe mayefika umndeni wangasebenzisana nawo, wathi uzoziphathela wona lolu daba.

NgoLwesithathu ebusuku amaphoyisa anikele kulo muzi afike ambopha umsolwa.

Okhulumela amaphoyisa u-Col. Andre Traut uthe amaphoyisa ase Kraaifontein abone le-video ebisisabalele ezinkundleni zokuxhumana itshengisa owesilisa osemncane eshaya kanzima ugogo wakhe, ase evula icala.

“Ubucayi balolu daba bunakeke ngesikhathi sekuvela le-video ebisisabalele ezinkundleni zokuxhumana. Ngaleyo ndlela amaphoyisa abone kufanele ukuthi angenelele, alekelele isisulu ukuvula icala”, kusho u-Col. Traut.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.