Izindaba

UMthandeni Uthi Akalubeki Emcimbini Uma Engafakwa Owangakubo

Isilomo somculi kamaskandi uMthandeni Manqele sesidube umcimbi kamaskandi obizwa ngokuthi iBadedele Maskandi Festival. Lo mcimbi ohlelwa iLuhlelo Entertainment uzoba se-Newtown Precinct Park eGoli mhlaka-13 Ntulikazi.

Isithombe: Esinemininingwane eveza izinhlelo zomcimbi iBadedele Maskandi Festival

Akuqali ukuthi uMthandeni adube izinhlelo zikamaskandi njengoba eke wamemezela ukuthi angeke esayihambela imicimbi ezoba seThekwini emuva komsindo owasuka emcimbini we-Mother of All Maskandi Festival owawuse-People’s Park ngomhlaka-6 Mbasa.

Lo mculi wodumo lwengoma ethi Paris ayenza no Lwah Ndlunkulu ubhale ekhasini lakhe ku-Facebook ukuthi uma engafakiwe umculi wangakubo kulo mcimbi akalubhadi yena.

“Thina singu #Mthandeni ongagwegwesi sizobe singekho kuleli hlathi lo mcimbi. Isizathu sokuqala nje ukungaveli kwegama lo mfana wangakithi u #Smirnoff. Kuyacaca yisinqa esomile somcimbi lesi.

Isithombe: U-Smirnoff okuvele ukuthi uyisizathu sokuduba kukaMthandeni umcimbi iBadedele Maskandi Festival

“Lokho nje kukodwa kungenze ngashaya amakhala ngalento yabo. Kunephunga le khwapha nonyawo la. Zimpisi ningayi kulento nami angiyi futhi. Angikweleti kuchazela muntu iNkosi ayilandi iyanquma”, kubhale uMthandeni

Lo mculi onganqeni ukuzikhulumela phambilini uke wabhala ekhasini lakhe ku-Facebook lapho ayeqondise khona kubahleli bemicimbi ethi abayeke ukufaka igama lakhe emicimbini yabo.

“Ngenkulu inhlonipho ngicela ukubuza kobhuti. Bahleli bemicimbi kamaskandi eThekwini nisalifakelani igama lami emicimbini yenu ngoba niyazazi nithengisa ngegazi lami na? Ingane engakhali ifela embelekwenu bafowethu uma ngingazikhulumeli mina uyoduka umlando. Nibona ukuthi imnandi yini lento eniyenza kubalandeli bami nasezinganeni zami uma ningihlukumeza kanje emicimbini yenu unyaka nonyaka kanti anisadeli yini? Nilekelelana nabathize ukuncolisa igama lami elihle kangaka kubantu nisuke nikwenzelani Lokho?

“Bheka nje namanje ngiqashwa ezweni lonke nasemazweni angaphandle kweNingizimu Afrika, Eswatini, Zimbabwe naphesheya koNgilandi imbala. Kodwa akaze uzwe nangelilodwa ilanga kuthiwa mina ngifike angangahlonipha kuyona yonke lemicimbi engiqashwa kuyo pho akwenzeki ngani lobo buhlongandlebe?

“Ngokuhlaziya kwabantu abangalazi isayidi lami mina sebengifanisa nje nomdlwembe wesiqhwaga esidla yonke imicimbi kamaskandi eseThekwini bona bakwenza ihlaya lokho. Abafowethu abazi ukuthi ingihlukumenza kanjani Lento. Ngisuke ngizivikela ngibulawa laphaya bese kuvela ulaka lukaNkulunkulu kubo ngiphunyuke.

“Loba buhlungu engizwiswa bona njalo uma ngikumaspala wasethekwini. Angibufiseli omunye umuntu ikakhulukazi umuntu ongakuphiwe ukukhuluma njengami. Kuba yisono kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi manje sokuthi ngithathe isinqumo esiphephisa mina nabalandeli bami beqiniso la. Angeke ngisaba yinxenye yaleya mcimbi kamaskandi yaseThekwini kuze kube ngithola ukuhlonishwa kwami okungifanele.

“Lokhu ngikusho ngenhlonipho ngoba ngifuna ukuthula emoyeni wam ngiyabonga”, kusho uMthandeni.

Phakathi kwabanye abaculi abadumile abazobe benandisa kulo mcimbi oKhuzani, Intaba yaseDubai, Gatsheni, Jiava Zimnike, Dumakahle, Mzukulu, Dr Khangelani, Imfezi Emnyama, Ezechalaha, Dr Buselaphi, Ithwasa Lekhansela, Navigator nabanye abaningi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.