IzindabaUmculo

Umethuli Wezinhlelo Ze-TV Uthi Umculo We-Hiphop Umiswe AmaZulu

Umethuli wezinhlelo ku-MTV Base, uLerai Rakoditso ukholwa ukuthi umculo we-Hiphop eNingizimu Afrika usumiswe ama-rapper acula ngolimi lwesiZulu. Ukhuluma kanjena nje uLerai ingoba umculo we-hiphop wehlelwa izinga kanye nesasasa okungafani nezinye izinhlobo zomculo ezifana neGqom, Amapiano nezinye.

“Angeke ngiqambe amanga amaZulu awuthwele lo mculo we-hiphop njengamanje.

“Ngeke kuphikwe ukuthi umculo we-hiphop usuveze amakhono amaningi kodwa akungatshazwa ukuthi ama-rapper angamaZulu yiwona agqamayo futhi azinzayo. Indlela agijima ngayo nadlalisa ngayo amagama ayabachaza abasuke belalele umculo wabo”, kusho yena.

Abaculi abafana no-Nasty C, Big Zulu noSimamane bonke abavela esifundazweni KwaZulu-Natali benza umculo we-hiphop uthokozelwe abaningi ngendlela abawenza uzinze ngayo lo mculo.

ULerai uthe ukwenza into ehlukile kwama-rapper acula ngesiZulu ikhona okwenza lo mculo uqhubeke nokugqama futhi uhehe abantu abaningi eNingizimi Afrika.

ULerai ungumethuli wohlelo lwe-MTV Base i-Culture Sound, uwubuso be-Nickeloden Afrika, aphinde abe umnikazi wenkampani i-African Talent unearth (ATU), okuyinkampani ebheka futhi ixhumanise amathalente namakhono ase-Afrika namathuba akhona emhlabeni. Ibeke amaciko ase-Afrika kwinkundla yomhlaba iphinde iwahlinzeke ngamakhono okuphatha ibhizinisi lezikaqedisizungu.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.