Izindaba

Ubhekene Nokudlelwa Impahla Ngenxa Yesikweletu Sentela U-Prince Kaybee

Umdidiyeli womculo odumile kuleli uKabelo ‘Prince Kaybee’ Motsamai ubhekene nenkinga yokudlelwa impahla yakhe ngenxa yokukweleta i-South Africa Receiver of Revenue (SARS) imali engaphezu kuka-R2 million. Lokhu kuza emuva kokuba ethunyelelwe incwadi ephoqa lo mculi ukuthi akhokhe itshe lemali kule nhlangano ewumqoqi ntela kuleli noma kuthathwe impahla yakhe.

UKaybee unikwe izinsuku ezilishumu (10) kuphela ukuthi axoxisane nabe-SARS ngohlelo azokhokha ngalo lemali uma kuzomhlula ukuyikhokha iyisamba.

Uma ehluleka ukukhokha i-SARS izobe isiphoqeleka ukuthi ithole inkampani ezoyilandela lemali kuye, uma inkampani leyo ingayitholi imali izobe isithatha impahla ezokwazi ukumela imali ukuze kukhokheke isikweletu.

Ngo-2021, uKaybee wamemezela ukuthi uthenge amaloli futhi uzoqasha abantu abathathu abazowashayela ngenhloso yokusungula amathuba omsebenzi.

Uphinde wamemezela ukuthi usehlukene nesitebele abeqopha kusona ngakho usezozenzela umculo nokho awukho umculo wakhe osuke wezwakala kuze kube manje. Okwenzekile ukuthu kunabaculi ababili abake bakhala ngaye bethi untshontshe umculo wabo.

USibonelo ‘Bhizer’ Dimba wodumo lwengoma ethi Gobisiqolo no Botlhale Phora oke wabonakala kuma-Idols SA bobabili basola uKaybee ngokuntshontsha umqondo wabo engomeni abayithumela kuye ngo-2021.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.