EZISEMATHENIIzindaba

Sekutholwe Isidumbu Sowesifazane Edamini Legazi ENanda

Kutholakale isidumbu sowesifazane silele edamini legazi ngoLwesihlanu ekuseni eMaoti ngaphansi kukamasipala waseThekwini, KwaZulu-Natali. Kusolwa ukuthi lona wesifazane oneminyaka engamashumi amabili nesithupha (26) ubudala ubulawe ngoLwesine ebusuku njengoba eze watholakala emgwaqweni owubhuqu namuhla [ngoLwesihlanu] ekuseni.

Abahlala kulendawo baveze ukuthi kuphinde kwatholakala izimpahla zangaphansi zikamufi endaweni eyibangana nesidumbu, nokwenze kwasolakala ukuthi udlwenguliwe ngaphambi kokubulawa.

Imibiko iveza ukuthi lona wesifazane ubekade ephuza utshwala nomngani wakhe ngoLwesine ebusuku, ube esemphelezela umngani wakhe wamshiya eduze kwalapho okuhlala khona isoka lakhe.

Kusolwa ukuthi uhuduliwe esuswa ngasendlini yesoka ngaphambi kokuthi agwazwe njengoba kubonakala umshudulo lapho kade ehudulwa khona.

Amaphoyisa aseqale uphenyo mayelana naleli cala.

Umthombo: Lit Radio ZN

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com