Amaciko Awazwane Nesikole Ukuze Ikhono Nethalente Lawo Lingabi Ize
Nanamhlanje ngiyagcizelela ngithi amaciko kumele akukhuthalele ukufunda angaphiki nethalente ngoba ngeke likubeke la ufuna ukuya khona.
Udumo nemali lungolwesikhashana kodwa imfundo ayiphelelwa yisikhathi futhi iyohlezi ikunikeza ama-options amaningi empilweni.
Ungizwe kahle ke, angisho ukuthi uzoqashwa kalula noma ngeke uphinde uhlupheke ngoba nakhu wena ufundile, cha angisho njalo.
Engikushoyo ukuthi amathuba okuqasheka nawokuziqalela okungokwakho angconywana uma kukhona okuphethe esandleni.
Emasontweni edlule ngithe akuthina sonke esidinga ukuya emaNyuvesi, namanje ngiyakugcizelela lokho kodwa uma uyiciko sengathi ungazwana nesikole, uma ikhona indlela uyojika khona eNyuvesi.
Ukuba yiciko akukona ukudansa , noma ukulingisa, nokushaya amahlaya, nokucula uhlanyise izihlwele, ukhiphe ama-hit, ube nenqwaba yabalandeli.
Lokho kusuke sekuyilento ephezulu ekhekheni (cherry on top).
Uma abantu besakuthanda futhi usunenqwaba yabalandeli usuke usufike kuleli zinga esithi ungusaziwayo (celebrity) shukuthi ngesingisi “you are being celebrated“.
Ngamanye amagama usuke usuhlanganise izinto ezimbili, ukuba yiciko nokuba ngusaziwayo.
Yebo, ungaba yiciko kodwa ungabi ngusaziwayo. Inqwaba yamaciko ayaziwa, futhi ayidumile.
Uyakwazi futhi ukuba ngusaziwayo kodwa ungelona iciko.
Into efanayo kulezinto zombili ukuthi, bobabili labantu, iciko nosaziwayo bane influence kubantu.
Iphutha elikhulu esilenzayo, uma umuntu eke wadunusa wahamba nqunu, noma wakhuluma izinto ezihlambalazayo emphakathini kuvele kuthiwe yiciko. Chabo azifani lezinto.
Pho kuyini ukuba yiciko?
Ukuba yiciko kusho ukuba nobizo (a calling) oluhambisana nethalente.
Ngingasho ukuthi usuke ubizelwe ukuzophilisa abantu ngethalente lakho.
Kuchaza ukuthi ithalente lakho kumele lingagcini ngokuphilisa abanye abantu kodwa nawe njengomninilo kumele likusebenzele, likuphilise, libe yisinkwa sakho.
Noma iliphi ke ithalente liyakudinga ukucijwa nokunakekelwa ukuze ligqame futhi lisebenze kahle.
Ithalente ngilifanisa nomlilo odinga izinkuni ukuze uhlale uvutha. Esinye sezikhuni ke yisikole, yisona esizokwenza ithalente lakho lihlale ligqamile.
Yisona futhi isikole esizoba ngukhiye ukuze uvule iminyango eminingi evaliwe. Uzosebenzisa wona lo khiye wesikole ukuhlunga ukhethe abantu abasondela kuwena.
Kuyajabulisa ukuthi imidlalo eminingi esiyibuka kumabonakude, kakhulukazi ku-Mnet kuma-channel afana no-161 igcwele abantu abaphuma kuma ezikhungweni zemfundo ephakeme, baphinde bayophekwa emidlalweni yeshashalazi (theatre).
Uma ungangikholwa, yenza olwakho uphenyo ngabalingisi be-My Brother’s Keeper, Gqeberha, neminye.
Iphuzu lami lisekutheni, kunomehluko phakathi kwethalente elinqunu, elingaxutshwe nalutho nethalente elihambisana nesikole.
Yebo kuyenzeka umuntu ayofundela ukulingisa noma ukucula kodwa ithalente lithi nje choooo andizi. Okwamanje angikhulumi ngabantu abanjalo.
Ithalente elihamba nje lodwa, neliphethwe budlaba alipheli kodwa liyaphupha noma ligcine seliyingozi kumninilo. Ithalente elinganakekelwa lifana nesitshalo esingahlakukelwa.
Uma ufuna ukubona ukubaluleka kwethalente nesikole, buka amaciko afana noZakes Bantwini, Proverb no Sbu Noah.
Sengathi namanye amaciko angasika iphethini kulaba ukuze lo mkhakha uzokhula ukwazi nokuhlonipheka.
*UZama Nteyi uyintatheli ezimele, ungamlandela ekhasini lakhe lika-Facebook [Zamanteyi Nteyi]