Izindaba

“Abesilisa Abasebancane Bafa Kakhulu Ezingozini Zomgwaqo” – RAF

Inhlangano ebhekene nokukhokha izinxephezelo zabalimale emgwaqeni i-Roads Accidents Fund (RAF) isimemezele izindaba ezishaqisayo ukuthi abesilisa abasebancane ibona abalimala nabafa kakhulu ezingozini zomqwaqo eNingizimu Afrika. Lezi ndaba zimenyenzelwe ile nhlangano embikweni wayo kuleli sonto.

I-RAF ithi ngokombiko wonyaka wezimali ka-2020 kuya ku-2022, kubantu abafaka izicelo zezinxephezelo kuyona, u-44% ngabesilisa abasebancane. Ngaleso sikhathi i-RAF ikhokhe imali engu-R43.13 billion kubantu abaneminyaka ephakathi kwe-15 kuya kuma-30, abebefake izicelo zokunxeshezelwa ngokulimala kuphela. U-R2.86 billion ukhokhelwe imindeni yalabo obekubikwa ukuthi bashonile. Isiyonke imali ekhokhiwe u-R.568.595 billion.

“Ngokuvamile vele intsha ayiziphathi kahle emgwaqeni, ngakho njalo sithola kuyiyo efaka izinxephezelo zokukhokhelwa esikhwameni”, kusho abe -RAF.

Ezingozini zomgwaqo intsha efayo ingu-40% uma kubukwa inombolo yabantu abafayo ngonyaka ezingozini engu-11.560%. Okukhathazayo ukuthi intsha engu-38% efa kakhulu esuke ihamba ngezinyawo, bese kuba esuke igitshezwe ezimotweni engu-35%.

“Kuyasikhathaza ukuthi ukuthi sibone abantu abaningi kangaka abasebasha kuyibo abafaka izinxephezelo esikhwameni”, kusho i-CEO ye-RAF, uCollins Letsoalo.

“Lezi nombolo zisitshela ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sokufundisa abantu abasebasha nabobonke abasebenzisa umgwaqo ukuthi beshintshe indlela abaziphatha ngayo emgwaqeni, bese bebeka phambili ukuphepha kwabo. Kufanele sikhuthaze usiko lokuphepha nokuziphatha kahle emgwaqeni”, kusho uCollins.

Le nhlangano ithi imali yabakhokhi bentela eyiqoqayo ngonyaka ingu-R40 billion, kanti lemali ihlanganiswa u-R1.18 othathwa njalo kwi-litre elithelwa ikhasimende ngalinye emotweni kuzo zonke iziteshi zika-petrol zaseNingizimu Afrika.

Abe Automobile Association (AA) bake bekuveza ukuthi uma kungaphuculwa isimo sezokuphepha emgwaqeni kungalekelela ekwehliseni intengo ka-petrol njengoba lokhu kungaphinde kwehlise umthwalo obhekene ne-RAF.

Ngokwe-Parliamentary Monitoring Group, i-RAF ibike ukuthi isebenzisa imali engu-R8.4 billion ebingasenayo ngonyaka wezimali ka-2022/23.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.