Uselaxazile Umsebenzi Wokudayisa Izimoto Wabuyela Ebholeni UKatlego Mphela
Obeyisivuthevuthe somgadli kuMamelodi Sundonws nakuBafana Bafana, uKatlego ‘Killer’ Mphela usewushiyile umsebenzi wokudayisa izimoto abewenza esitolo sakwa-VW Lindsay Saker eMidrand eGoli. Ushiye lo msebenzi emuva kokuba lesitolo simnike ithuba lokuhlanganisa impilo yakhe emuva kokuthatha umhlalaphansi ebholeni.
Njengamanje lo mdlalo ongowodabuka e-Brits e-North West useyinxusa lenkampani engamele ezokubheja i-Betway.
Kuke kwaba nemibiko esabalele ebithi uMphela wenza kahle kakhulu emsebenzini wakhe wokudayisa izimoto njengoba kuthiwa izimoto esitolo sakwa-VW Lindsay Saker bezithengwa njengamagwinya ashisayo. Nokho lokhu akuzange kwenzeke isikhathi eside njengoba esevele wawushiya lomsebenzi angene kuwo emuva kweminyaka emine ephume ebholeni, ukuze agxile komusha.
Abantu abaningi baba nemibono emuva kokuzwakala kwezindaba zokuthi uMphela usedayisa izimoto abanye bethi akasenalutho.
“Ngiphila kamnandi, kodwa akusafani nangesikhathi ngisadlala ibhola. Ngeke kusafana, ngiyazi. Sengikuvumele ukuba umuntu nje owejwayelekile. Ngiyazi ukuthi abantu bebevele bezokhuluma kodwa okuhle ukuthi u-80% wabo bakhuluma kahle.
Lokhu ngikwenze ngoba ngiyabazi ubunzima obubhekana nabadlali bebhola uma sebephumile ebholeni, kodwa bala ukubhekana nempilo entsha yokuqala phansi. Ngiyethemba ukuthi lokhu kuzogqugquzela nabanye abafowetho ukuthi benze okuthile uma izinto sezingahlangani ebholeni, kuyeke ukuthi kwenzeke into efanayo njalo”, kusho uMphela.
Ngesikhathi esadayisa izimoto uMphela ubeyisilomo yonke imisakazo eGauteng ifuna ukukhuluma naye kanti nasemakhasini ezinkundla zokuxhumana bekubhalwa ngaye kakhulu nokwenze iningi labantu laba nesasasa ukuyothenga izimoto esitolo abesebenza kuso.
Nobengumqeqeshi wakhe kuMamelodi Sundowns umncome kakhulu uMphela ngesibindi sakhe sokungahlali phansi uma izinto sezingahlangani ebholeni.
Omunye wozakwabo e-VW Lindsay Saker uthe uMphela ubatshele ukuthi usayohlanganisa okunye okumayelana nebhola. “Usishiyle wathi usayohlanganisa izinto ezimayelana nebhola,
“Uthe kunezinhlelo eziphathelene nebhola asephezu kwazo namanye ama-projects azihlanganise nawo. Ubenza kahle kakhulu lana emsbenzini, izimoto bezithengwa impela kodwa ngicabanga ukuthi usethole okungcono kakhulu. Ukhule ngokwanele futhi ngizwile ukuthi kuhamba kahle kulezinto zakhe zebhola”, kusho obenguzakwabo.
Osebenzisana noMphela ebhizinisini, u-Godfrey Baloyi uthe kuyiqiniso ukuthi usehlukene nesitolo sezimoto. “UMphela umatasa ngemisebenzi yakhe yokuba inxusa lakwa-Betway. Uphinde abe umqeqeshi ezinhlelweni zokuqeqesha abafana abasebancane nakwi-Katlego Mphela Easter Tournament. Manje isikhathi akasenaso ngoba abekufuna kakhulu ukuqhubeka nokuzihlanganisa nezinto ezithinta ibhola”, kusho uBaloyi.
Umuntu owagqamisa uMphela, inkakha yomqeqeshi uJomo Sono ngo-2003 ngesikhathi esagijimia kwi-Jomo Cosmos. Uke wadlala naphesheya e-Europe lapho afike khona wagijima kwi-Strasbourg RC nakwi-Strade de Reims.
Uthe mayebuya lapho obengumqeqeshi we-Supersport United, uPitso Mosimane wamthatha, kwathi ngokuhamba kwesikhathi wajoyina iMamelodi Sundowns egcine isiqeqeshwa uyena uMosimane.
UMphela uke wagijima naku-Kaizer Chiefs nokuyilapho izinto zakhe zaqala ukubheda khona ebholeni elikhokhelayo. Kuthe ngo-2017 wajoyina i-Royal Eagles okuyiyona ayeke ibhola eseyidlalela.
Uzokhumbuleka lo uMphela ngengcwenga yegoli alishaya iBafana Bafana idlala ne-Spain emdlalweni we-FIFA Confederation Cup ngo-2009. Kuleyo midlalo lo mdlali waklonyeliswa njengomdlali ovelele.
Lo mdlali oseneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili (38) uphinde waba ingxenye yesikwati sakuleli nge-FIFA World Cup yango-2010.