Kuhlehle Uhambo LukaMbuso Khoza Ngenxa Yokungaphili
Umqambi wamahubo ophinde abe umlingisi uMbuso Khoza usehlehlise uchungechunge lohambo lwakhe alubiza ngokuthi Ifa Lomkhono Tour ngenxa yokungenwa umkhuhlane emuva kwezinhlelo eziningi abenazo ngempelasonto. Ukugula kukaKhoza sekuholele ekuthini ashelwe izwi.
“Izwi lami livele lasha ngenxa yesimo sezulu emuva kokuhambela izindawo ezihlukene izwe lonke ngiqopha iziqephu zomdlalo kamabonakude. Umkhuhlane usungibuyisele emuva ngokohlelo lwami, ngakho ngiphoqeleke ukuthi ngehlele izinsuku ezintsha”, kusho yena.
Njengohlelo lokujabulela ukuqokwa kwakhe emkhakheni we-Best Jazz Album kuma-Metro FM Awards, uKhoza ube esehlela uhambo lapho elalelisa abalandeli bakhe ezweni lonke ungqambothi lwamanoni akwi-album yakhe ethi Ifa Lomkhono.
“Ngizolalelisa abalandeli bami ungqambothi”, kusho uKhoza.
Uthe uyazi ukuthi abantu bazophoxeka ngokuhlehla kwalolu hambo kodwa kumele baqonde ukuthi imvelo futhi ufuna ukuzinika isikhathi sokuphumula aze abuyele esimeni esikahle sempilo ukuze abanike okungcono kakhulu.
“Ngokuzithoba ngiyaxolisa kubona bonke abantu abesebejahe ukungibona nginandisa kulemicimbi. Ithimba lami lingiluleke ukuthi ngishintshe izinsuku ukuze ngiye laphana ngiwumqemane”, kusho uKhoza.
Izinsuku ezintsha zohambo Ifa Lomkhono zimi kanje:
Ntulikazi 6 – Silverstar Casino, Johannesburg
Ncwaba 30 – Menlyn, Pretoria
Mfumfu 16 – Suncoast Casino, Durban
Lwezi 9 – Tyger Valley, Cape Town