Izindaba

Kuboshwe Owesilisa Obulale Intombi Yakhe Ena-16

Amaphoyisa asebophe owesilisa oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27) emuva kokubulala intombi yakhe eneminyaka eyishumi nesithupha (16), uNosipho Khomo. Kuthiwa lona wesilisa ugwaze uNosipho amahlandla amane ngaphambi kokuthi abaleke.

Kuthiwa uNosipho ongowokudabuka elokishini llase-Hammarsdale, KwaZulu-Natali uthole ingane nalo mlisa esaneminyaka eyishumi nane (14). Ngokusho kukadadewabo kaNosipho, uSthembile Gasa, uNosipho washiya isikole emuva kokukhulelwa ingane yakhe umsolwa futhi lobu dlelwane babo bebuhlezi bunezingxabano, ehlukunyezwa [uNosipho].

Echaza uSthembile uthe bebengenayo indlela yokumsiza ngoba bebemsaba lomlisa. “Besazi ukuthi uzogcina embulele ngelinye ilanga ngoba ubehlezi emhlukumeza. Izinto azenze kudadewethu ziyamangaza. Ubeke afike layikhaya afune ukuthatha uNosipho ngenkani ahambe naye. Uma enqaba uNosipho amshaye phambi kwethu, amsabise ngokumbulala”, kusho yena.

USthembile uqhubeke wathi isoka likaNosipho belingawuhloniphi umuzi wakubo ngoba ubengekho umuntu wesilisa. “Ubazi ukuthi ekhaya kukhona mina, uNospho, nomama wethu ongaphilile kahle njengoba izihlobo zethu sezashona zonke.

“Sithembele kumakhelwane wethu ubaba uMkhwanazi okuwuyena muntu osesibhekile. Ubaba uMkhwanazi uzame kaningi ukungenelela kulento yokuhlukunyezwa kukaNosipho kodwa yonke imizamo yakhe iphelele ezeni. Bekubonakala nje ukuthi iyogcina yenzekile lento”, kusho uSthembile.

Eqhubeka uthe umsolwa uke wagwaza udadewabo ngozibandlea wonyaka odlule, ngesikhathi kuhlakana unyaka. Uthe uNosipho wahlala izinsuku impela esibhedlela elimele.

“Ngesikhathi ebuya esibhedlela uNosipho baqhubeka nokuthandana nesoka lakhe, wanqaba ukuyovula icala”, kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natali, uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe owesilisa ngecala lokugwazwa kubulawe owesifazane oneminyaka eyi-16. “Owesifazane ugwazwe wafa ngoLwesibili. Ubulawe amanxeba abegcwele ikhanda. Umslwa uzovela enkantolo ngokushesha”, kusho u-Constable Ngcobo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.